Kufe 20 ePalestine kuhlasela indiza yakwa-Isreal 

Isibhedlela i-Al-Aqsa Martyrs Hospital e-Gaza sikuqinisekisile ngeSonto ukuthi ukuhlasela kwendiza yakwa-Israel ibhekise endaweni yokukhoselisa ababaleki e-Al-Nuseirat kuholele  ekufeni kwabantu abangu-20.

“Sithole abantu abangu-20 abashonile kwalimala abaningi ngemuva kokuhlasela kwendiza yakwa-Israel, ihlasela umuzi womndeni wakwaHassan oyindawo yababaleki e-Al-Nuseirat enkabeni ye-Gaza,” kusho isibhedlela.

Isikhungo sezindaba sase-Palestine i-Wafa sibike ukuthi abalimele bahlanganisa nezingane ezimbalwa, kanti abatakuli bebethungatha abantu abadukile abebevaleleke ngaphansi kwemfucumfucu.

Lokhu kuhlasela kubikwa ukuthi kwenzeke ngezithuba zabo-03:00 ekuseni. 

Sekubikwe ukuhlaselwa okuningana endaweni yase-Nuseirat kusukela amasosha aqala umkhankaso “wokuhlasela” ogxile edolobheni eliseningizimu ye-Rafah ekuqaleni kukaNhlaba.

Ngokubika kwe-AFP, amasosha ase-Palestine namasosha akwa-Israel atholane phezulu enkabeni yase-Jabalia enyakatho ye-Gaza.

Abazibonele bathi kunezinye izindlu ezihlaselwe yizindiza ebusuku e-Gaza, nokuthi ukuhlasela kwezindiza nokuqhunyiswa kwezibhamu kuphinde kwahlasela izingxenye zase-Rafah ebusuku.

Umbutho wakwa-Israel uthe usabheka umbiko.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff Writer

Esithombeni ngenhla: Isithombe esijwayelekile sendawo yokukhosela ehlala abantu base-Palestine abashiye amakhaya e-Deir el-Balah maphakathi ne-Gaza Strip

Umthombo Wesithombe: AFP

Izihloko zakamuva