Kufakwe abanye abasubathi abazothuthukisa iqembu lakuleli kuma-Olympics 

Ukwengezwa kwabasubathi abangu-75 emidlalweni eyisishiyagalolunye kuqinise iqembu laseNingizimu Afrika eMidlalweni yama-Olympic ezayo eParis.

Iqembu lesizwe lesikhashana manje selinabasubathi abangu-114 emqhudelwanenii engu-15. 

Lokhu kunyuka kulandela isimemezelo sokuqala sabasubathi abangu-39 abamenyezelwe i-SA Sports Confederation and Olympic Committee ngenyanga edlule.

Abasubathi abayisikhombisa abasha bajoyine i-athletics, okwenza iqembu libe nabazubathi abangu-24. Ukwengezwa kwabasubathi kuhlanganisa umgijimi wemarathon u-Elroy Gelant kanye nomjikijeli we-discus uFrancois Prinsloo.

Iqembu le-triathlon lihlanganisa owake wazuza indondo yethusi kuma-Olympic uHenri Schoeman.

Iqembu lamabhayisikili lengeze abasubathi abayisikhombisa, okuhlanganisa uchwepheshe wemigwaqo u-Ashleigh Moolman Pasio nabagibeli abanqamula izwe u-Alan Hatherley noCandice Lill.

UJohn Smith, owake wahlabana ngendondo yegolide kwabesilisa abane ufakwe eqenjini labagwedli futhi uzoqhudelana noChristopher Baxter.

Iqembu lesikhashana lebhola lo mbhoxo labesifazane abayisikhombisa lihlanganisa abasubathi abangu-16, kanti abadlali abangu-32 sebeqinisekisiwe emaqenjini e-hockey abesilisa nabesifazane.

Iqembu lesizwe lihlanganisa nabasubathi be-archery, i-badminton, i-fencing, nabasubathi be-gymnastics. Iqembu lokugcina labasubathi lizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi kule nyanga, okulindelwe izimbangi abengeziwe emidlalweni efana negalofu, i-judo, ukugwedla, ne-skateboarding. 

Abasubathi abaningi basengaphumelela kweminye imikhakha, efana ne-rugby seven yabesilisa, i-breakdancing, ne-volleyball yasogwini.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Amanye amalungu eTeam SA. 

Umthombo: Team SA/X

Izihloko zakamuva