Kudutshulwe umsebenzi Okhukho

Celani Sikhakhane

Isiteleka sabasebenzi basemayini i-Zululand Anthracite Colliery (OKhukho) KwaNongoma sesiphenduke inkundla yodlame.

Uyelulama esibhedlela umsebenzi wesifazane odutshulwe ethangeni ngoMsombuluko ebusuku okuthiwa udutshulwe ngozakwabo abebetelekile, abafunge bagomela ukuthi bazolwa nanoma ngubani obuyela emsebenzini ngaphambi kokuthi kuhlangatshezwe izimfuno zabo ngabaphathi.

NgoMsombuluko bekuyisonto lesihlanu kuqhubeka lesi siteleka semayini yasoKhukho.

Isisulu, uNoma Khumalo, uphuthunyiswe esibhedlela eMpangeni ngabezimo eziphuthumayo ngemuva kokudutshulwa ngesikhathi esebenza emgodini webhande eNgwenya.

Lona wesifazane uchaze ngosizi lwakhe olubuhlungu lokudutshulwa kumalungu omndeni wakhe kanye nomngani wakhe ngezwi eliqoshiwe ku-What’sApp.

Utshele umndeni wakhe ukuthi usola ukuthi udutshulwe ngabasebenzi abebetelekile.

“Umqashi wethu ufuna size emsebenzini kodwa akafuni ukuzibophezela ukuthi uzonakekela imindeni yethu uma kwenzeka sibulawa.

“Simtshelile ukuthi sibhekene nengozi futhi abatelekile bakubeke kwacaca ukuthi uma umshini wamalahle uqala ukusebenza bazodubula yonke into lapho,” kusho yena ezwini eliqoshiwe.

UKhumalo ungomunye wabasebenza ngamabhande amalahle obesebenza kulesi sikhungo ngoMsombuluko.

Abasebenzi abasathembani kanti abanye sebesabise ngokubulala noma ngubani ozotholakala esebenza.

Abaholi bezinyunyana abasazimisele ukukhuluma nabezindaba, beveza isimo esishubile Okhukho.

Omunye wabaholi ongathandanga ukudalulwa igama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuphepha kwabasebenzi akusaqinisekisiwe.

“Isimo sishubile futhi kubukeka sengathi nabaqashi abayiqondi le nkinga,” usho kanje.

Isiteleka siqale ngomhlaka-14 kuMbasa kwathi ngomhlaka-19, abasebenzi bangena ngaphansi kwemayini bahlala kwaze kwaba ngomhlaka-25 kuMbasa.

Bakhishwe ngemuva kokuthi inkampani inqume ukucisha umoyampilo wabo nogesi.

Imenenja jikelele ye-ZAC uWayne Rowe unqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa ngalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko wathi baphenya icala lokuzama ukubulala.

Izihloko zakamuva