Kudutshulwe obethatha amakhonteyina ngo-crane Kwa-Thema

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesilisa udutshulwe wabulawa ngoLwesine ebusuku ngemuva kokuthi izakhamuzi zaKwa-Thema zisuse izitolo zabaqhamuka emazweni angaphandle zisebenzisa o-crance abaqashiwe.

U-crane abawusebenzisile ukubhodlaza ezitolo uthungelwa ngomlilo ku-N17.

Lesi yisimo esibi sakamuva empini eqhubekayo phakathi kwezakhamizi zaKwa-Thema nabanikazi bezitolo abaqhamuka emazweni angaphandle.

Umshayeli ujutshwe kule ndawo ehamba nomsizi wakhe ukuthi bayosusa amakhonteyina ezitolo zabantu abaqhamuka emazweni angaphandle ngemuva kokuthi izakhamuzi zikhiphe imali ziqasha u-crane enkampanini ezimele.

U-crane uphelezelwa ngamalungu omphakathi ngemuva kokuthi elunywe indlebe ukuthi abanikazi bezitolo abaqhamuka ngaphandle bahlela ukuhlasela.

Ngesikhathi eshayela ku-N17 ngasemijondolo yakwaMkhatshwa iPolo elimhlophe ebilinabagibeli ababili lifike yadlula ku-crane lehlisa isivinini kuthe kusenjalo bavulela ngenhlamvu ngasohlangothini lomshayeli.

Laba abebehlomile babalekile kodwa basheshe babuya bavulela ngenhlamvu futhi base beshisa u-crane.

UMnuz Patrick Mashubane ongumsizi kalowo obeshayela u-crane osinde kulesi sigameko, uthe bakwazile ukukhipha umshayeli ku-crane ukuze abalekele endaweni ephephile kodwa abahlaseli babuyile baphinde bazoqedela abakuqalile.

“Sibhekene nempi esingahlangene nayo sijutshwa kule ndawo singazi ukuthi sizokwenzani manje oyedwa wethu ushonile,” kusho uMashubane.

“Basibulalelani? Kungani ababulali bengayi kubantu abasiqashile ukuthi senze lomsebenzi? Simsulwa futhi konke esikwenzayo sisebenzela imindeni yethu.”

Isakhamuzi uTshepo Nkosi uthe ngesikhathi iPolo lidlula kubo, umshayeli umemeza wathi sizokuthola Tsepho ngefasitela.

“Ngiyazi ukuthi bebefuna ukungibulala. Leyo moto ibilokhu isilandela kusukela siphuma Kwa-Thema,” kusho uNkosi.

“Sebevele benza isimo sashuba kakhulu asikaze sibulale muntu kodwa sashisa izimoto zabo sabaphushela ngaphandle, manje sebeqale impi futhi engeke iphele kahle kubona,” usho kanje esola abanikazi bezitolo abaqhamuka ngaphandle ngokubulala umuntu ubeqashwe ibona.

“Angeke siyeke futhi ikakhulukazi njengoba sekukhona abamubulele.”

Kusasuswe amakhonteyina amathathu kuphela. Umsebenzi bekumele uqhubeke namhlanje ekuseni.

Ngesikhathi ithimba le-Scroll.Africa lifika endaweni yesigameko ngoLwesine ebusuku, u-crane ubusavutha abantu bendawo bekhala becela usizo.

Umshayeli obulewe ushone buqamama no-crane njengoba bekubonakala ukuthi ubezama ukubaleka kodwa wadutshulwa izinhlamvu ebezibhekiswe ngakuye.

Izakhamizi ezithukuthele zigane unwabu zithi lokhu yisimemo sempi phakathi kwazo nabanikazi bezitolo abaqhamuka emazweni angaphandle.

Isithombe esingenhla: U-crance oshile

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva