Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa athi oshayasibhamu ababili bavulele ngenhlamvu bebhekise emahhovisi e-Codeta, kwashona abantu abane kwalimala abathathu, okuhlanganisa nomgibeli.
Amaphoyisa athungatha abasolwa kanti asekhiphe umehlokaboni ka-R100 000 kunoma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko sokubulala.
Kushone abantu abane kwathi abathathu balimala esigamekweni sokudubulana esenzeke erenki yamatekisi eMfuleni eKapa ngemuva kwehora lesithupha ekuseni ngoLwesihlanu.
Izisulu kubalwa amadoda ayisithupha okukholakala ukuthi angabanikazi bamatekisi nowesifazane oyedwa obengumgibeli. Abathathu kubo okuhlanganisa nowesifazane baphuthunyiswe esibhedlela.
Ngokusho kwamaphoyisa oshayasibhamu bagasele emahhovisi akwa-Codeta erenki yamatekisi bavulela ngenhlamvu. Ezinye izisulu bezingaphakathi kwe-container, kanti esinye sitholwe emotweni.
Owesifazane obesendleleni eya erenki uthe uzwe kuqhuma isibhamu ngesikhathi ehamba emgwaqeni.
“Bekungathi ifilimu. Bekulokhu kuqhuma isibhamu, ngase ngibalekela egcekeni lomunye umuzi ukuze ngicashe,” esho.
“Kamuva ngabona isigameko esidabukisa kakhulu. Owesifazane obesanda kufika ezobamba itekisi udutshuliwe. Akulungile lokhu futhi asizizwa siphephile.”
IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa e-Western Cape, uMajor General Bongani Maqashalala, uthe kusetshenziswe izibhamu ezinamandla ngesikhathi kuhlasela.
“Sikholelwa ukuthi ukudubula kuhlobene nodlame lwasembonini yamatekisi,” usho kanje. “Sikhulise ukubonakala kwamaphoyisa futhi silethe amaphoyisa e-public order, amaphoyisa ophiko lwe-flying squad kanye namaphoyisa omgwaqo ukuze avikele abagibeli.”
Kukhishwe umehlokaboni ka-R100 000 kunoma ngubani ongasiza amaphoyisa ukubamba ababulali.
“Sitshelwe ukuthi oshayasibhamu ababili badubule abashonile ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko,” kusho uMaqashalala.
ISouth African National Taxi Council e-Western Cape ithe ishaqekile ngokubulawa okwenzeke erenki.

USihlalo uMandla Hermanus uthe: “Siyasigxeka kakhulu lesi senzo esinonya. Ayikho indawo yodlame embonini yethu.”
Uthe iSantaco izohlangana nososeshini wamatekisi wendawo ukuthola ukuthi yini eholele kulesi sigameko sokudubula futhi isize ukubuyisa ukuthula.
“Sicela abashayeli bethu behlise umoya bangaphindiseli. Akumele sivumele lolu dlame luguqule imizamo eyenziwayo yokwakha ubumbano embonini,” kusho uHermanus.
Esithombeni esingenhla: Kudutshulwe abantu abayisikhombisa erenki yamatekisi eMfuleni eKapa.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze