Kudutshulwe kwalinyazwa uSotswebhu womkhandlu

USotswebhu woMkhandlu waseGoli uSthembiso Zungu kubikwa ukuthi ulimele ngemuva kokudubuleka ngoMsombuluko ekuseni.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngesikhathi uZungu ematasa nemisebenzi yomkhandlu eningizimu yeGoli.

Kubikwa ukuthi uyelashwa esibhedlela.

UMargaret Arnolds uSomlomo woMkhandlu usiqinisekisile lesi sigameko kodwa akazange anikeze imininingwane eminingi.

Uthe eminye imininingwane izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.

U-Arnolds uphinde wanxusa abantu ukuthi bangasabalalisi imininingwane engamanga, waqinisekisa ukuthi kuzophuma isitatimende kwabezindaba ngokuhamba kwesikhathi.

Isimo asikacaci kahle futhi kulindeleke ukuthi kube neminye imniningwane.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni esingenhla: USithembiso Zungu.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva