Everson Luhanga
Amaphoyisa abophe abasolwa ababili abathinteka esigamekweni sokudubula esibulale abantu abaningi emijondolo yase-Chicken Farm e-Soweto ngoMsombuluko.
Umsolwa wesithathu udutshulwe washona ngemuva kokukhomba amaphoyisa ngesibhamu.
Laba baboshwe mayelana nesigameko sokudubulana ngesikhathi izakhamuzi zase-Pimville ebeziholwa umholi we-Operation Dudula uMnu Nhlanhla Lux Dlamini zibhekene nequlu labantu abavulele ngenhlamvu bebhekise kubo.
Kudutshulwe abantu abayisithupha okubalwa kubo uKgomotso Diale oshonele endaweni yesigameko. Abanye abahlanu baphuthunyiswe esibhedlela. Izisulu ezintathu seziphumile kanti ezimbili zisasesibhedlela.
NgoLwesibili, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthembise izakhamuzi zase-Pimville ukuthi abasolwa abadubule babulala uDiale bazoboshwa kungakapheli amahora angu-48. Uvakashele umndeni kaDiale kanye nesinye isakhamuzi esilimele esidutshulwe emijondolo.
UNgqongqoshe utshele umphakathi ukuthi umbutho wakhe uzolwa nobugebengu futhi uzoletha izinsiza ezengeziwe. Uthembise ukunikeza isiteshi samaphoyisa sase-Kliptown izimoto eziyishumi ezintsha.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uBrigadier Brenda Muridili uthe ngoLwesine, ngomhlaka-21 kuMbasa, amaphoyisa alandele imininingwane ngabasolwa abatholakale nezibhamu eDlamini nase-Chiawelo, e-Soweto.
“Ngesikhathi efika la malungu avimbezele umuzi, kuthe uma engena omunye wamaphoyisa uye wakhonjwa ngesibhamu kodwa wadubula umsolwa kuqala.
“Kuboshwe abanye abasolwa ababili kanti amaphoyisa ashaqe izibhamu ezimbili nezinhlamvu,” kusho uBrigadier Muridili.
UBrigadier Muridili uthe uphenyo lokuqala luyamanisa abasolwa ababoshiwe nesigameko sokudubula esenzeke ngoMsombuluko e-Chicken Farm.
UKhomishana wamaPhoyisa eGoli, uLieutenant General Elias Mawela, ukuncomile ukuboshwa kwabasolwa. “Amaphoyisa engeziwe esiwatshale lapha e-Kliptown ukuthuthukisa nokuthi kubonakale amaphoyisa kanye nokugcina ukuthula endaweni asebenze ubusuku nemini elandela yonke imininingwane esiyitholile aze afika kulo muzi.
“Amaphoyisa aqeqeshelwe ukwenza izinto ngokushesha, ikakhulukazi uma izimpilo zawo zisencupheni. Ngiyajabula ukuthi akekho noyedwa kumalungu ophiko lwe-K9 olimalile ngesikhathi kuboshwa abasolwa,” kusho uLt Gen Mawela.
Bekungakacaci ukuthi abasolwa bangabakuphi ngobuzwe njengoba bebengenabo ubufakazi bokuthi bangobani. Bazobhekana necala lokubulala, ukuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.