Lubhalwe nguZavela Makwabe
Umnikazi wendawo yokucima ukoma nosolwa ngokuba ngumdayisi wezidakamizwa udutshulwe washona eceleni komgwaqo eduze kwesitolo esidayisa omakhalekhukhwini e-Qonce, phambilini eyayaziwa ngeKing William’s town, e-Eastern Cape ngeSonto.
Cishe ngemuva kwehora edutshulwe wabulawa, amavidiyo esidumbu sakhe esigqoke ihembe elibomvu sidindilizile phakathi kwegazi lakhe eduze kwesithuthuthu sakhe sikanokusho aye asabalala ezinkundleni zokuxhumana.
La mavidiyo akhombisa umnikazi wendawo yobumnandi edumile Kwa-Nozinja Lounge egqoke umakalabha, egaxe nesikhwama esiluhlaza samasosha. Upulasitiki obukeka sengathi ubuphethe amaphilisi ubuchithekile eduze kwesidumbu sakhe ngakwesobunxele.
Kwenye yala mavidiyo kuzwakala amazwi abantu besixuku ebesibonakala siyingcosana bezulazula eduze kwesidumbu sakhe bexabana bodwa bephikisana ngokuthi “kuthathwe izidakamizwa.”
Umnikazi wendawo yokucima ukoma uye waboshwa ngamaphoyisa ase-Qonce ngoNcwaba wavela enkantolo ngamacala okutholakala nezidakamizwa ngemuva kokuthi kushaqwe amasaka ayishumi e-tik kanye namabhokisi amane agcwele i-mandrax emzini wakhe. Ukuboshwa kwakhe kulandela ukudutshulwa kwamadoda amabili ngaphandle kwethaveni yakhe.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi owesilisa obehamba ngesithuthuthu udutshulwe wabulawa e-Qonce ku-Fleet Street ngezikhathi zasemini izolo kanti kuphenywa icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
“Kusolakala ukuthi iqulu lamadoda amathathu angaziwa abehlomile avulele ngenhlamvu ebhekise kulo mlisa (42) ku-Fleet Street emini kwabha. Ube namanxeba amaningi okudutshulwa washonela endaweni yesigameko.
“Kusolakala nokuthi owesifazane obebukela, udubuleke emzimbeni waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Majola Nkohli.
Ngokusho kukaNkohli, amaphoyisa ashaqe amaphilisi ohlobo lwe-mandrax angu-465, impushana emnyama ebikuplastiki, isibhamu sohlobo lwe-9mm kanye nesamba semali esingadalulwanga endaweni yesigameko lapho okudutshulwe khona umshayeli wesithuthuthu.
Omunye umnikazi wendawo yokucima ukoma wase-Dimbaza uLuthando Ntabeni odume ngelikaMdish udutshulwe eduze kwenxanxathela yezitolo i-Stone Towers emasontweni amathathu edlule.
Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa ukuthi athinte umholi wethimba labaphenyi ku-082 301 7762. Eminye imininingwane ingabuye ifakwe ku-Crime Stop ku-08600 10111 noma esiteshini samaphoyisa esiseduze.