Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Obeyisishoshovu sophiko lwentsha le-ANC uLoyiso Nkohla udutshulwe wabulawa engaphakathi esiteshini samaphoyisa e-Philippi eduze nojantshi kaloliwe ngezithuba zabo-10:30 ngoMsombuluko ekuseni.
UNkohla ongumholi womkhankaso i-Ses’khona People ubehambele umhlangano nezinkumbi ezihlala eduze kojantshi wesitimela. I-Prasa ihlose ukubuyisela izitimela kule ndawo kanti uNkohla ubebambe iqhaza ezingxoxweni zokususa izakhamizi eduze nojantshi.
Umhlangano ubungakaqali ngesikhathi kuqhamuka amadoda amathathu. Ngokusho kofakazi ababili basale ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa ngesikhathi owesithathu engena ngaphakathi. UNkohla uhlangane nalesi sigebengu ngaphandle kwegumbi obekubanjelwe kulo mhlangano lesi sigebengu sase sivulela ngenhlamvu, kusho abazibonele.
UNkohla ushonele endaweni yesigameko kwase kulimala abanye abantu abathathu.
Kamuva ngoMsombuluko izakhamizi zasemjondolo bezibukela zidabukile ngesikhathi abakwa-forensic becubungula indawo okubulawelwe kuyo uNkohla.
Abaningi bebemangele ukuthi akasekho umuntu olwela abantu abahlala emijondolo. ULizalise Mtongana ongomunye wezakhamizi uthe, “Ubani osezolwela abantu abahlala emijondolo manje? Kungani kudingeke ukuthi babulale umuntu obelwela abantu abampofu nabancishwe amathuba?”
UNkohla ubengomunye wabantu abebesebenza kanzima ukususa izakhamizi ezihlala kujantshi ohamba phakathi nemijondolo. Ikhansela lewadi uLindikhaya Payi obesebenzisana noNkohla uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi manje inqubekela phambili isizomiswa ngokudlula kwakhe emhlabeni.
Isakhamuzi esiphuma emijondolo e-Covid uNamhla Ngundze uzwakalise ukubonga okukhulu ngokusekwa uNkohla wathi, “UNkohla usilwele. Ziningi izigameko esibe nazo lapho abomthetho ababefika khona bezobhidliza imijondolo yethu kodwa selokhu angenelela siye sabona ukuncipha kwalezo zigameko sahlala endaweni yethu ngokuthula.”
UNkohla waduma kakhulu ngesigameko esenzeka eminyakeni eyishumi edlule ngesikhathi yena nezinye izishoshovu bethatha indle beyoyiphosa esikhumulweni sezindiza saseKapa nakwezinye izindawo. Ngaleso sikhathi wavele wabizwa “ngo-poo thrower” ngemuva kwaleso sigameko.
Udaba lokudlula emhlabeni kukaNkohla luthuse umphakathi wonke njengoba abantu abaningi bezwakalise ukudabuka ezinkundleni zokuxhumana. Omunye ubhale wathi: “Kuwusuku oludabukisayo kubantu baseKapa silahlekelwe umholi oqavile obelwela amalungelo abantu abampofu abancishwe amathuba.”
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe kusaphenywa ngalesi sigameko.
“Abasolwa abangaziwa babalekile endaweni yesigameko futhi abakaboshwa kanti imbangela yokuhlasela ibingakaziwa.”
Esithombeni esingenhla: ULoyiso Nkohla
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze