Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umsizi womshayeli udubule wabulala umfana obehlomile walimaza umngani wakhe ngesikhathi bezama ukuduna imoto yabo eKapa.
Isakhamuzi sithe abafundi bavamise ukwenza ubugebengu begqoke umfaniswano wesikole futhi akethuki ukubona omunye wabo eshonile.
Kudutshulwe kwabulawa umfundi oneminyaka engu-18 ngesikhathi ezama ukubamba inkunzi iveni elokishini iNyanga, eKapa.
Umfundi nomngani wakhe oneminyaka engu-19 ubudala bebehlomile bezama ukuduna iveni ngesikhathi umsizi womshayeli ebadubula. Umsolwa omncane ushonele endaweni yesigameko kanti omunye uphuthunyiswe esibhedlela egadwe amaphoyisa.
Izakhamuzi zithi azimangali ngalesi sigameko. Abaningi bathi abafundi abancane endaweni bavame ukubandakanyeka ebugebengwini kwesinye isikhathi begqoke umfaniswano wesikole.
UNolukholo Ngqoko ubesendleleni eya enxanxatheleni yezitolo ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.
“Bengilinde i-Avanza eya enxanxatheleni yezitolo ngesikhathi ngizwa kuqhuma isibhamu, ngaqale ngacabanga ukuthi bebedubula esitolo esiphethwe abokufika ngoba sekuzophela inyanga,” usho kanje.
Wagijima wayongena endlini eseduze, kwathi ngemva kwemizuzu embalwa wabuya ezobona ukuthi kwenzekeni.
Ngabona umfundi ogqoke umfaniswano wesikole elele phansi nesibhamu ngaphansi komzimba wakhe. Lona omunye ubesaphefumula. Bamphuthumise esibhedlela,” kusho yena.
Uthe akathukanga. “Iningi labantu abenza ubugebengu lapha ngabafundi, abanye baze bafake umfaniswano wabo, badune izimoto bathuse abantu endaweni,” kusho uNgqoko.
Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe: “Angimzweli, asiphephile ngenxa yabantu abafana naye, ngiphatheka kabi ngabazali bakhe, ngezwa kuthiwa uya esikoleni sokuyosoka ngoZibandlela.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uCaptain Frederick Van Wyk uthe amaphoyisa aseGugulethu aphendule kulesi sigameko.
“Umshayeli utshele amaphoyisa ukuthi iqulu lamadoda abehlomile libaphuce omakhalekhukhwini abese ezama ukuduna imoto,” kusho uVan Wyk.
Umsizi wadubula, kwashona umfana (18) kwalimala oneminyaka engu-19.
Amaphoyisa athole isibhamu sohlobo lwe-9mm esingenayo inombolo eduze komsolwa oshonile. Isibhamu esitholakale kumfana kanye nesitholakale kumsizi womshayeli sithathiwe.
Amaphoyisa avule uphenyo aqinisekisa ukuthi inhloso bekuwukugebenga.
Esithombeni esingenhla: Kudutshulwe kwabulawa umfundi obegebenga imoto yenkampani ehamba nomngani wakhe eKapa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
