Doreen Mokgolo
Kudutshulwe kwabulawa umashonisa nalowo osolwa ngokudayisa izidakamizwa emzini wakhe elokishini laKwa-Thema eGoli ngoLwesibili ebusuku, nokushiye abantu abaningi bendawo bengazi ukuthi bazoziphilisa ngani.
Kusolwa ukuthi amadoda amabili abezenza amakhasimende acele ukubonana noSimphiwe Nkosi ngaphambi kokuvulela imvula yezinhlamvu.
Intombi kaSimphiwe edangele, uLerato Sibande, ithe iphuthume ngaphandle ngemuva kokuzwa kuqhuma isibhamu kaningi yamthola elele egcwele igazi.
Udutshulwe ekhanda nangaphezulu kwatholakala ukuthi ushonile endaweni yesigameko ngabezimo eziphuthumayo.
Umndeni kaSimphiwe usola ukuthi lo wesilisa obeneminyaka engama-36 ubulawe amakhasimende abengafuni ukumkhokhela noma izimbangi zamabhizinisi ezifuna ukuthatha indawo yakhe.
Ukubulawa kukaSimphiwe kunyakazise umphakathi wangakubo. Ngokusho kwabantu bendawo, imindeni eminingi ibithembele kwimalimboleko yakhe ukuze iphile usuku nosuku.
Ngesikhathi uNtombi Sibeko, umhlali wakule ndawo kanye nekhasimende likaSimphiwe, ezwa ukuqhuma kwesibhamu okubulale uSimphiwe, wavele wabona ukuthi lesi senzo sizoba namuphi umphumela.
“Asazi ukuthi sizoyibolekaphi imali njengoba engasekho,” kusho uNtombi.
Intombi yakhe uSibande ichaze ukuthi ngenxa yohlobo lwebhizinisi isoka lakhe ebelikulo umndeni ubuhlezi unovalo ngempilo yawo.
“Abantu bebeboleka izizumbulu zemali kuthi uma sekumele bayibuyise baqhamuke nezindaba.
“Abanye baze basongela impilo yakhe ukuze bagweme ukukhokha,” kusaqhubeka intombi yakhe.
Uthe uSimphiwe ubezimele futhi ehlale ewabeke eduze kwesifuba amakhadi akhe.
“Ubengakhulumi kakhulu ngebhizinisi lakhe kanti ezinyangeni ezedlule uzwe amahlebezi okuthi isoka lakhe lidayisa izidakamizwa, kodwa ubelokhu ephika.
“Ngabona kunzima ngokwanele ukuthi izimpilo zethu zisengozini ngenxa yokukhetha kwakhe leli bhizinisi akulo, ngakho-ke ukungena ekuhwebeni ngezidakamizwa bekuzobeka ukuphepha kwethu engozini enkulu.”
Usayitsheni uSibongile Ndlele ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala kanti abasolwa basagcwele amathafa.
“Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, sicela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi bangobani noma bakuphi ukuba abikele amaphoyisa endawo noma angadalulwa igama lakhe kule nombolo ethi-0800 10111,” kusho usayitsheni.