“Kudutshulwe kwabulawa owesilisa ngesikhathi kunombhikisho wase-Wits”

Everson Luhanga

UDokotela uTebogo Sedibe osebenza e-MyClinic ubesanda kwelapha owesilisa oneminyaka engama-35 emtholampilo.

Ngemuva kokuhamba kwesiguli, udokotela uthi uzwe kuqhuma isibhamu kakhulu.

Indoda ebisanda kuba semtholampilo wakhe idutshulwe ngamaphoyisa.

Emigwaqeni yase-Braamfontein bekuqhubeka umbhikisho wabafundi base-Wits abalinganiselwa kwabayi-100. Umbhikisho ube nesiphithiphithi njengoba abafundi bedutshulwe ngezinhlamvu zenjoloba baboshwa ngamaphoyisa.

Abazibonele bathi lo mlisa odutshuliwe ubengumsolwa ongenacala.

Futhi nguyena kuphela obulewe.

UDkt Sedibe uthe, uzame ukuvusa le ndoda imizuzu embalwa kodwa imizamo yakhe ayiphumelelanga.

Ufakazi ozibonele ocele ukungadalulwa igama utshele abakwa-Scrolla.Africa ngesiZulu ukuthi kunezinhlamvu ezintathu nokuthi “bamdubule kabili eseduze”.

Ufakazi ozibonele uthe inhlamvu yenjoloba yesithathu idutshulwe ngesikhathi lo wesilisa kusolwa ukuthi ubencenga amaphoyisa ukuthi angamdubuli.

“Ngicabanga ukuthi ubetshela amaphoyisa ukuthi ubengeyena omunye wababhikishi.

“Ukube amaphoyisa amuzwile ngabe usaphila,” kusho ufakazi ozibonele.

I-EWN ikhulume nomunye ufakazi, umfundi wase-Wits University uPeterson Radasi, othe lo wesilisa ubengayigqokile imibala yababhikishi bezitshudeni. “Sonke besifake lo mbala ukuze sikwazi ukubonakala kalula ukuthi singababhikishi.”

URadasi utshele i-EWN ukuthi: “Ngesikhathi ebuza lo wesilisa ukuthi ‘kungani ngidutshulwa?’ Ube esedutshulwa futhi okwesibili, okusho ukuthi akadutshulwanga kanye kphela kodwa udutshulwe kabili. Okokuqala, uwe phansi, kodwa waphinde waba namandla okuvuka base bemdubula okwesibili.”

UDkt Sedibe uthe, umufi “ubenembobo esifubeni, enenxeba ngaphezu kweso langakwesokudla kanye nelinye inxeba lesithathu emzimbeni wakhe ongezansi.

“Ngesikhathi ngimthola, ubephelelwa ngumoya, ekhombisa ukuphela kwempilo yakhe.”

Uthe, akakwazanga ukudalula ukuthi kungani le ndoda ibihambele lo mtholampilo.

“Ubephile saka. Yebo, ubengumuntu ophilile. Angikwazi ukusho [isizathu] sakhe sokuvakashela umtholampilo wethu.”

Ummeli walo mtholampilo uZaakir Mayet ukuqinisekisile ukuthi ithimba lodokotela emtholampilo lizamile ukuvusa isiguli ngaphandle kwempumelelo.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uNdileka Cola esitatimendeni uthe, umnyango uthumule abaphenyi abane ukuthi baqoqe imininingwane mayelana nokushona kwalo mlisa.

Abafundi bebebhikisha befuna inyuvesi ivumele bonke abafundi abanezikweletu zakudala ukuthi babhalise.

Izihloko zakamuva