Kudutshulwe kwabulawa owayengumqeqeshi wePSL

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Owayengumqeqeshi weChippa United neRoyal AM uMike Lukhubend udutshulwe wabulawa emqhudelwaneni we-Coke Cup e-Khayelitsha, eKapa ngeSonto.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngezithuba zehora lesithupha ntambama kubuka abadlali nababukeli.

Yize ingakacaci kahle imininingwane yesigameko imibiko eminingi ithi uLukhubene nomunye umqeqeshi osazohlonzwa babulawe bobabili.

I-South African Football Association (Safa) eKapa ikhiphe isitatimende ngalolu daba yacela ukuthi amaphoyisa anikwe ithuba lokuphenya.

“I-Safa eKapa yaziswe ngesigameko esenzeke ngemuva kokuphothulwa kwemidlalo e-Site C Lingelethu ngesikhathi kunemidlalo ye-Safa Cape Town Coca-Cola Cup,” kufundeka isitatimende.

“UMengameli, isigungu esiphezulu kanye nekomiti eliphethe lesifunda bazisiwe ngentuthuko yakamuva futhi bazoqhubeka nokwaziswa ngentuthuko abomthetho bendawo kanye nabakwa-SAPS.

“Kubalulekile ukuthi okwamanje sikuqaphele ukuthi kukholakala ukuthi lesi sigameko asihlobene neze nezindaba zebhola futhi kumele iziphathimandla zinikwe ithuba lokuphenya kabanzi ngalolu daba.

“Sinxusa umphakathi wethu webhola lezinyawo ukuthi unganikezeli ngolwazi mayelana nalesi sigameko okuhlanganisa nemibiko yofakazi noma izithombe ngenxa yenhlonipho emindenini ethintekayo kanye nophenyo olusalindile okungangabazeki ukuthi luyaphenywa iziphathimandla zendawo.”

Esithombeni esingenhla: UMike Lukhubene

Umthombo wesithombe: @santosmwine

Izihloko zakamuva