Lubhalwe intatheli ye-Scrolla
Oshayasibhamu babulale onogada ababili abebehlezi emotweni yabo ngesikhathi bevikela abasebenzi elokishini laseGugulethu.
Izakhamizi zesaba ukuthi izigebengu ezifuna imali yokuvikela zizomisa intuthuko endaweni yazo.
Ziyanda izigameko zokudubula kwamaqembu ezigebengu akhokhisa imali yokuvikela eKapa.
Esigamekweni sakamuva, onogada ababili badutshulwe bashona emotweni yabo ngesikhathi begade abasebenzi endaweni engumbhoshongo eGugulethu, eKapa ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu bebhekise konogada abebehleli kwi-Datsun Go e-NY 108 ngezithuba zabo-10:40 ekuseni.
“Abesilisa ababili abazange basinde ekuhlaselweni kanti abezimo eziphuthumayo bamemezele ukuthi bashonele endaweni yesigameko,” kusho uSwartbooi.
Isakhamuzi, esesaba ukudalulwa igama sithi kungenzeka ukuthi ukudubula kuhlobene namaqembu ezigebengu akhokhisa imali yokuvikela.
“Ngizwe kuthiwa bebehleli emotweni ngesikhathi bephelezela abasebenzi abebesebenza e-Tower. Akukhona okokuqala kudubulwa abantu eGugulethu. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, onogada badutshulwa kwenye yezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu izigelekeqe ezikhokhisa imali yokuvikela,” kusho isakhamuzi.
Sekungokwesibili ukuhlasela esikhathini esingangesonto. NgoLwesine olwedlule, onogada abane abavikela abaqoqi bemfucuza badutshulwe balimala eMarcus Garvey, ePhilippi East.
“Ukuba unogada sekuyingozi kakhulu eKapa. Ngisho nama-SAPS angcono kunathi. Sifuna ukubeka ukudla etafuleni. Asifuni izinkinga, sifuna ukuba ngabasebenzi kuphela,” kusho unogada.
Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi ashayele iCrime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-app ye-MySAPS.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela