Kudutshulwe kwabulawa odayisa emgwaqeni

Everson Luhanga

Umdayisi wasemgwaqeni ojwayele ukudayisa iziphuzo ezibandayo erenki yamatekisi eMbali eMgungundlovu KwaZulu-Natal udutshulwe wabulawa ngunogada ngoLwesine.

Owesilisa (30), ubeye esitolo eyothenga esinye isitoko ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwakhe nonogada e-Siyiya Cash and Carry, kubangwa I-slip sezimpahla azithengile.

Kusuke isidumo ngesikhathi unogada edubula umdayisi oshonele khona lapho.

Abebebukele abebedinwe begane unwabu bavuke umbhejazane bazama ukugebenga isitolo, ngesikhathi isixuku siqala ukushaya isitolo nabashayeli bezimoto ngamatshe.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, nawo ajikijelwe ngamatshe. Amaphoyisa abophe umsolwa (51) endaweni yesigameko ashaqa isibhamu esisetshenziswe kulesi sigameko.

I-video etholwe i-Scrolla.Africa, ikhombisa isixuku esithukuthele sijikijela amaphoyisa ngamatshe ngesikhathi efika endaweni yesigameko.

Umthombo enxanxatheleni yezitolo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi abantu bezwa kuqhuma isibhamu babalekile bayocasha. Bambone elele phansi kanti unogada ubesamdubula ngisho esephansi.

“Ushonele khona lapho kanti yilokho okucasule amalungu omphakathi abe eseqala ukujikijela amatshe,” kusho umthombo.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukuthi ayaphenya ngalesi sigameko. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Nqobile Gwala uthe “Kusolakala ukuthi owesilisa (30) udutshulwe wabulawa ngunogada ngesikhathi esesitolo.

Izihloko zakamuva