Kudutshulwe kwabulawa izigebengu ebezihlomile ngesikhathi kugetshengwa isitolo ePienaar

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • Kushone izigebengu ezimbili ngesikhathi zidubulana nonogada ngemuva kokuqhumisa isango lesitolo e-Pienaar.
  • Amaphoyisa azingela ezinye izigebengu ezibalekile kanti isisebenzi sase-Somalia siyalulama ngemuva kokudutshulwa.

Izigebengu ezimbili zishonile ngesikhathi zidubulana nonogada ngesikhathi kugetshengwa isitolo e-Pienaar, eMpumalanga, ngoMsombuluko, ngomhlaka-17 kuNhlolanga.

Iqembu lezigebengu liqhumise isango lesitolo kwa-Gudlane ukuze lingene.

Umnikazi wesitolo ubize onogada abebehlomile ababambe izigebengu oqotsheni.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Jabu Ndubane uthe izigebengu zivulele ngenhlamvu ngesikhathi kufika onogada. 

Onogada badubule kwashona isigebengu esisodwa khona lapho. Isigebengu sesibili sishone ngenxa yamanxeba okudutshulwa ebangeni elingu-500m ukusuka endaweni yesigameko.

Izigebengu zidubule isisebenzi sesitolo sase-Somalia ethangeni langakwesokunxele ngesikhathi sokuhlasela.

Amaphoyisa abengakawasho amagama ezigebengu ezishonile kanti azingela ezinye ezibalekile.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General Zeph Mkhwanazi, ufuna kubanjwe lezi zigebengu ngokushesha.

“Sisebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi abanye abenzi bobubi baboshwa ngokushesha,” kusho uGeneral Mkhwanazi.

Ngenyanga edlule, ngomhlaka-11 kuMasingana, kwashona abantu abayisishiyagalombili kwathi abathathu baya esibhedlela ngemuva kwesigameko sokudubula e-Pienaar.

Onolwazi ngalesi sigameko angashayela uDetective Lieutenant Colonel Nokuthula Nkhoma ku-082 469 2338.

Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva