Kudutshulwe kwabulawa isishoshovu se-IFP

Celani Sikhakhane

Kubulawe umholi we-IFP Women’s Brigade ngeSonto ngemuva kokuthi amadoda abehlome ngezibhamu egasele lapho aqashe khona eMtwalume ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

UThembelihle Qalani udutshulwe amahlandla amaningi ngabahlaseli bakhe, kodwa ukwazile ukushayela udadewabo ucingo ngemuva kokuthi abahlaseli bakhe bebaleke.

“Ngemuva kokudutshulwa ungishayele ucingo esazisa njengomndeni ukuthi uhlaselwe lapho ahlala khona,” kusho uStu Qalani etshela i-Scrolla.Africa. Ubesekhaya e-Eastern Cape ngesikhathi udadewabo emshayela ucingo.

UStu Qalani uthe udadewabo ongunobhala we-Women’s Brigade (46), nguyena yedwa oyilungu lomndeni ohlala KwaZulu-Natal.

“Asazi noma impilo yakhe ibisengcupheni yini noma cha.”

Uthe udadewabo uzongcwatshwa endaweni yangakubo eMthatha, e-Eastern Cape kodwa usuku alukaqinisekiswa. Uthe udadewabo akanazo izingane.

Umholi we-IFP esifundeni Ugu uJika Mthethwa uthe balahlekelwe “umholi onohlonze” obengahlonizi.

“Sisashaqekile ngokubulawa kwakhe kwazise ubengakaze aveze ukuthi khona angezwani nabo,” kusho uMthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kukaThembelihle Qalani.

“Ngomhlaka-25 kuMandulo amaphoyisa athole umbiko ngesigameko sokubulala endaweni yaseNyangwini abe esedlulela endaweni yesigameko. Ngesikhathi efika akhonjiswa igumbi elinesidumbu sowesifazane (46).

“Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa,” kusho uGwala.

Izihloko zakamuva