Kudutshulwe kwabulawa imenenja yemayini eKZN

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Kudutshulwe kwabulawa imenenja yakwa-Foskor Mining e-Richards Bay, KwaZulu-Natal esigamekweni okusolwa kuso izinkabi.

USifiso Ncube ubulawe ngoMsombuluko ngesikhathi kade ehamba ngemoto yakhe endaweni yase-Meerensee e-Richards Bay, esanda kuphuma emsebenzini ngabo-17:00 ntambama.

Ngokwemibiko esabalele emaphoyiseni ngemuva kwesigameko, lo mphathi ubulawe ngamadoda amathathu abesebenzisa ama-AK-47 adedele imvula yezinhlamvu emotweni yakhe.

Ukubulawa kukaNcube kuqubule ukwesaba enkampanini enkulu e-KZN njengoba kusolakala ukuthi ubulawele ukuqinisa isandla ekukhishweni kwamathenda – wavala ompompi bemali kosomabhizinisi bendawo abadume ngokugasela ezindaweni zokwakha befuna “imali yokuvikela”.

Umphathi obhekelele izindaba zezinkampani kwa-Foskor, uVhontsia Ramashia, usiqinisekisile lesi sigameko wathi inkampani inethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka.

“Siphatheke kabi kakhulu ngalesi sigameko. Abakwa-Foskor bayalweseka uphenyo olunzulu olwenziwa yizinhlaka zezokuphepha, ukuze kutholakale ubulungiswa. I-Foskor idlulisa amazwi enduduzo nokuzwelana nondeni kamufi, abangani, ozakwabo kanye nobathandiweyo bakhe,” kusho uRamashia esitatimendeni.

Ukubulawa kwezimenenja zezinkampani ezakhele i-Richards Bay akuyona into entsha. NgoNhlaba 2021, umphathi jikelele we-Richards Bay Minerals Rio Tinto, uNico Swart, wadutshulwa wabulawa endaweni efanayo e-Meerensee.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko evalwe ngamaphoyisa

Umthombo: Stock

Izihloko zakamuva