Kudutshulwe kwabulawa ikhansela ebelilwela ubulungiswa emphakathini wase-Alex

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UKhansela Moshe Mphahlele ushonele esemsebenzini wakhe.

Udutshulwe wabulawa ngeSonto ebusuku ngesikhathi enza umsebenzi abewuthanda: ukusebenzela abantu baseGoli endaweni yase-E.

Ubeyosiza ngesikhathi edutshulwa.

Ubeyosiza ngesicelo ebesivela kubahlali abathe bahlaselwa onogada abazimele kanye nezikhulu zoMnyango Wamaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD). 

UMphahlele, (39), ubeyosiza mayelana nesikhalo sabo sokuhlala kumakhonteyina akhiwa yiDolobha laseGoli ngo-2020. Lo msebenzi awukakaqedwa, kanti wonke amakhonteyina awanalutho.

NgoNhlolanja kulo nyaka, imindeni engaphezu kuka-50 yazama ukungena ngenkani emabhilidini, kodwa amaphoyisa nonogada abazimele babaxosha. Selokhu bahlala ngaphandle kwamagceke ale ndawo. 

NgeSonto, izakhamuzi zelokishi elimpofu kakhulu futhi elinabantu abaningi kakhulu zenze omunye umzamo wokungena kula makhonteyina ngokungemthetho, kodwa zahlangabezana nokuxoshwa yiziphathimandla. Izakhamuzi zabe sezishayela uMphahlele ucingo ukuze azosiza. 

Udutshulwe kanye nowesifazane ozithwele kodwa osindile nenxeba lenhlamvu.

Uyise kaMphahlele, uKhurishi Mphahlele, uchaze indodana yakhe njengomuntu osebenza ngokuzikhandla futhi “ecabangela abanye abantu”. Ukhumbule ukuthi indodana yakhe yenza izifundo ezingu-12 ezivivinyweni zayo zikamatikuletsheni. 

“Ngambuza ukuthi uzokwazi kanjani ukufunda izifundo ezingu-12. Kodwa ngenxa yokuthi wayekhuthele, wakwazi ukuphasa zonke izifundo zakhe. Wayeyilolo hlobo lomuntu ozomiselayo.  Wayebathanda abantu futhi ethanda ukusiza wonke umuntu,” kusho uKhurishi

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant Mavela Masondo, uthe amaphoyisa aphenya ngezimo eziholele ekufeni komholi womphakathi ngemuva kokuthi amalungu e-JMPD kanye nenkampani yonogada ezimele kubikwa ukuthi bakhiphe abantu okuthiwa bangene kumakhonteyna angasese ngokungemthetho e-Alexandra.

UMasondo uthe amaphoyisa avule icala lokubulala ukuze kuphenywe kabanzi.

I-EFF yase-Gauteng ikhiphe isitatimende inxusa ukuthi kube nokuthula nokuzola kubantu base-Alexandra kulandela ukushona kukaMphahlele, iPhini likaNobhala weqembu eGoli. 

“I-EFF ngeke iphumule kuze kube abathintekayo ngokufa komunye wayo babhekana nengalo yomthetho. Le nhlangano isijube izinhlaka zayo ukweseka umndeni kaMphahlele kanye nomphakathi waseGoli, ikakhulukazi i-Alexandra.  Sicela ukuthi kube nokuthula,” kusho isitatimende.

Abantu abambalwa abahlonishwayo okubalwa kubo imeya yaseGoli uKabelo Gwamanda, owayeyiMeya yaseGoli uHerman Mashaba, usihlalo we-EFF e-Gauteng uNkululeko Dunga, amakhansela endawo yase-Alexandra kanye nenqwaba yabantu uMphahlele asebenze nabo emkhandlwini wedolobha, bavakashele kwaMphahlele e-Sandringham empumalanga yeGoli.

UGwamanda uphinde wathi kuzoba nophenyo ngokufa kukaMphahlele. Uthe bazophinde bayilungise indaba yamakhonteyna angahlali muntu kulo lonke ilokishi.

UMashaba uthe wasebenza kakhulu noMphahlele esayimeya. Ube esegxeka uhulumeni, ethi kumele kube nokuziibophezele ngasohlangothini lukahumeni ekulweni nobugebengu obudlangile kuleli. “I-Alexandra ilahlekelwe ilungu ebelilwela ubulungiswa bezenhlalakahle,” kusho uMashaba.

Ividiyo: UHerman Mashaba uthi umbuso kumele uzibophezele ekulweni nezinga eliphezulu lobugebengu. 

Umthombo: Everson Luhanga

Esithombeni ngenhla: Ikhansela elibulewe uMnuz Moshe Mphahlele.

Umthombo: Uthunyelwe.

Izihloko zakamuva