Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-17 bemindeni emibili ngoLwesihlanu ebusuku e-Lusikisiki, e-Eastern Cape.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe usiqinisekisile lesi sigameko.
UBrigadier Mathe uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngokwenza lesi sihluku.
“Emzini owodwa kushone abantu abangu-13 okubalwa abesifazane abangu-12 nowesilisa oyedwa, komunye umuzi kwashona abane.
“Umgilwa wesi-18 usesimweni esibucayi esibhedlela. Sebebonke kushone abesifazane abangu-15 nabesilisa ababili,” kuchaza uMathe.
Ngokwemibiko, abagilwa bahlobene. Ngesikhathi sokubulala, bebelungiselela umcimbi wesintu obizwa ngokuthi umembulo noma ukukhunyulwa kwenzila obekumele ube ngoMgqibelo esigodini saseMaNtlaneni.
Lo mcimbi uphawula ukuphela kokuzilela umama nendodakazi ababulawa ngonyaka odlule.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu kanye nePhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uCassel Mathale kanye noKhomishana kaZwelonke we-SAPS uJenene uFannie Masemola bazokwazisa abezindaba ngalolu daba.
UNgqongqoshe uzophinde abikele abezindaba ngemizamo yakwa-SAPS yokulwa nobugebengu ezweni lonke, ezoba seThanduxolo School Hall, KwaNobuhle, eGqeberha, ngehora lokuqala.
UNgqongqoshe uthi sekuqoqwe izinsiza eziningi ukuze kubanjwe abenzi bobubi.
Esithombeni esingenhla: Isigameko sobugebengu esigodini saseMaNtlaneni e-Eastern Cape lapho okushone khona abantu abangu-17 ngoLwesihlanu ebusuku.
Umthombo wesithombe: File
