Everson Luhanga
Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha okuhlanganisa nomphathi womculo we-Alex FM uJoshua Mbatha e-Alexandra ngoLwesine ebusuku.
UMbatha ubesendleleni egodukayo nabanye ozakwabo ababili ngemuva kokushayisa esiteshini ngesikhathi edutshulwa.
Kuthiwa bavinjwe abantu abebephethe izibhamu abathathu befuna izimpahla zabo okuhlanganisa nomakhalekhukhwini. Abahlaseli bathathe omakhalekhukhwini nezicathulo zabo babadubula babaleka.
Umphathi we-Alex FM uTakalani Nemangowe kanye nosihlalo webhodi esiteshini u-Isaac Mangena bakuqinisekisile ukudutshulwa nokushona kukaMbatha.
“Kubuhlungu kakhulu ukunazisa ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni komsebenzi wethu uJoshua Mbatha.
“UDJ Josh obeneminyaka engu-32 ubengumphathi womculo kwi-Alex FM.
“Ubesendleleni ehamba nozakwabo ababili uSammy Ramodike noMatome Mookanedi ngesikhathi bevinjwa abantu abangaziwa abebehlomile cishe abathathu e-7th Selbourne. Bathathe omakhalekhukhwini nezicathulo zabo ngaphambi kokuthi badubule uJoshua esifubeni,” kusho uMangema.
Abasolwa abafanayo badubula babulala usomatekisi wendawo obehamba ngohlobo lwemoto lwe-Toyota Avanza kanye nomgibeli wakhe. Bobabili bashonela endaweni yesigameko.
Lokhu kunzima kakhulu ngoba kuphinde kwadutshulwa abantu abathathu babulawa ngendlela efanayo.
Umtholampilo wendawo iMasakhane e-Alexandra ubugcwele abantu abanamanxeba okudutshulwa.
NgoLwesithathu abantu ababili okuhlanganisa nowesilisa obevakashele isihlobo sakhe e-Alexandra KwaZulu-Natal badutshulwe babulawa. Lo wesilisa udubuleke ngephutha ngesikhathi bedubula omunye umlisa.
Iphoyisa elizulazula emigwaqeni yase-Alexandra litshele i-Scrolla.Africa ukuthi lafika endaweni yesigameko ngoMgqibelo odlule, isisulu sibulewe ngendlela efanayo okusolwa iqulu lezigebengu ebezihlomile.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela kanye noNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura bavakashele ilokishi lase-Alexandra bahlangana nezinye izikhulu eziphezulu zamaphoyisa nabaholi bomphakathi.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele naye uzovakashela leli lokishi ngoLwesihlanu ntambama.
Lokhu kudubulana kwenzeka phakathi kwezigameko eziningi ezinodlame ezike zanyakazisa izwe. Ngempelasonto edlule abantu abangu-16 badutshulwa babulawa endaweni yokucima ukoma e-Soweto, e-Orlando East.
Abanye abantu ababili babulawe endaweni yokucima ukoma eMgungundlovu.