Kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-13 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eNorth West

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kudutshulwe abantu abahlanu babulawa emijondolo yase-Freedom Park Phase 1, ngaphandle kwase-Rustenburg esifundazweni sase-North West.

Abagilwa — abesilisa abane nowesifazane oyedwa — batholwe eceleni komgwaqo benamanxeba okudutshulwa emakhanda.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-North West uBrigadier Sabata Mokgwabone usiqinisekisile lesi sigameko.

“Okwamanje, akukho mininingwane mayelana nabasolwa ngaphandle kokuthi babaleke ngemoto yohlobo lwe-Toyota Quantum emhlophe,” usho kanje.

UMokgwabone wengeze ngokuthi ngokolwazi olutholakale emaphoyiseni, abane kubagilwa kuthiwa bashonele endaweni yesigameko, kwathi owesihlanu washonela esibhedlela iJob Shimankane Tabane.

UKhomishana wesiFundazwe wase-North West, uLieutenant General Sello Kwena, uyalele abaseshi ukuba baphenyisise ukuze baqinisekise ukuboshwa kwabasolwa ngokudubula babulale abantu abahlanu ngezithuba zabo-22:00 ngoMgqibelo, mhlaka-27 kuNtulikazi 2024, e-Freedom Park Phase 1 ngaphandle kwase-Rustenburg.

Imbangela yesigameko ayikaziwa, uphenyo lusaqhubeka.

Khonamanjalo, uNdunankulu wase-North West uKagiso Lazarus Mokgosi ukugxekile ukubulawa kwabantu abayisishagalombili e-Extension 13 Kanana Township eDolobheni lase-Matlosana Local Municipality.

Okhulumela uNdunankulu, uBrian Setswambung, uthe abesilisa abahlanu bangene endaweni yokucima ukoma ngoLwesihlanu, mhlaka-26 kuNtulikazi.

UBrian uthe abasolwa banqabile ukuseshwa emnyango, kwase kuba nokuhilizisana. “Ngesikhathi bengena endaweni yokucima ukoma kucime amalambu, kwaqhuma izibhamu zibhekiswe kwabebephakathi njengoba abanye bephume bebaleka. Abantu abayisikhombisa bashonele endaweni yesigameko, okungabesilisa abahlanu nabesifazane ababili. Owesithupha ushonele esibhedlela. Abanye abangu-12 balimele kanzima futhi bathola ukwelashwa esibhedlela.

“Kulaba abashonile abane ngabaseNingizimu Afrika, ababili ngabase-Mozambique nase-Lesotho,” usho kanje.

Undunankulu wase-North West, uKagiso Lazarus Mokgosi, usenxuse amaphoyisa ukuthi alandele yonke imikhondo ekuboshweni kwabenzi bobugebengu obunyantisayo.

“Siphatheke kabi futhi sishaqekile kakhulu ngalesi sigameko esishiye abantu abayisishiyagalombili beshonile. Nginxusa amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni awo ukuphenya lolu daba ukuze lufinyelele esiphethweni esiphusile futhi bagwetshwe bonke abasolwa ngalezi zenzo ezimbi.”

UNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha koMphakathi kanye nokuPhathwa kwezokuThutha e-North West, uWessels Morweng, ekuqaleni koMgqibelo mhlaka-27 kuNtulikazi 2024, ephelezelwa uKhomishana wesiFundazwe uLieutenant General Sello Kwena kanye neMeya yase-Matlosana uFikile Mahlophe, bavakashele lapho kwenzeke khona ubugebengu bahlangana namalungu emindeni elahlekelwe.

“Amaphoyisa ngaphansi kobuholi bukaKhomishana wesiFundazwe asehlanganise ithimba labaphenyi nabaseshi abaphezulu ukuzocubungula ngalesi sigameko sokubulawa kwabantu abaningi, angingabazi ukuthi kuzoboshwa abantu maduze nje, siphinde sinxusa imiphakathi yethu ukuthi isize ngolwazi ukuze sikwazi ukuvala izigameko ezifana nalesi sigcine imiphakathi yethu iphephile,” kusho uNgqongqoshe uMorweng.

Izihloko zakamuva