Kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu baphinde bashiswa eKapa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abantu abahlanu badutshulwe bashiswa eduze kwemoto yabo ebivutha e-Philippi East, eKapa.

Amaphoyisa asola ukuthi ukubulawa kwalaba kuhlobene nemali yokuvikela eqoqwa ezitolo zendawo.

Kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu, izidumbu zabo zashiswa eduze kwetekisi abebehamba ngayo e-Better Life, e-Philippi East, eKapa.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Western Cape uThembisile Patekile uthe ukhathazekile ngezigebengu ezidubula abantu bese zishisa izidumbu zabo.

“Ngesikhathi amalungu ethu efika endaweni yesigameko afice izidumbu ezinhlanu ngaphandle kwemoto ebisha, nazo zishe. Asinaso isiqiniseko sokuthi zokhelwe ngomlilo zingaphakathi emotweni zadutshulwa, noma kwenzeke ngenye indlela,” kusho uPatekile.

Abagilwa abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-30, basuka e-Island, e-Lower Crossroads, nase-Philippi East. Ababili kubo izelamani.

“Kufike abantu abane badubula abagilwa. Esingayazi inhloso, kodwa singasola nje ukuqolwa. Abanye babagilwa bashayisana nomthetho ngamacala odlame,” kusho uPatekile.

Amaphoyisa aqaphele ukuthi kunezipaza ezimbili eduze nalapho kwenzeke khona ukubulawa kwabantu. Bacela abantu ukuthi beze ngaphambili nolwazi.

Isakhamuzi esicele ukungadalulwa sithe sisola ukuthi ukubulawa kwabantu kumayelana nemali yokuvikela.

“Ngisola izimali zokuvikela ngoba yilokhu obekwenzeka ezindaweni ezingomakhelwane bethu, sebebulalana bodwa ngenxa yemali yokuvikela abayiqoqa ezipaza,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Abantu abahlanu badutshulwe bashiswa e-Better Life, e-Philippi East, eKapa.

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva