Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphume umkhankaso wokuthungatha ababulali ngemuva kokuthi abalisa abayisithupha bedutshulwe babulawa emijondolo yase-Section V6 eMlazi ngoMgqibelo ebusuku.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, oshayasibhamu bagasele endaweni eqashiwe bavulela ngenhlamvu bebhekise emadodeni amathathu abehlezi ngaphandle ephuza utshwala.
“Abasolwa badlulele emzini kamqashi lapho bamdubule khona nomunye owesilisa naye obesendlini. Abasolwa baphinde badubula omunye wesilisa endleleni,” kusho uNetshiunda.
Uthe bonke abagilwa abayisithupha, abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-40 ubudala, bashonele endaweni yesigameko.
UNetshiunda wengeze ngokuthi imbangela yokubulawa kwalaba ayaziwa okwamanje.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko, kanye nokuthi abasolwa bakuphi ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashayele inombolo ye-CrimeStop ethi-08600 10111.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Esithombeni ngenhla: Umfanekiso we-SAPS.
Umthombo: X
