
Dylan Bettencourt
Kubulawe abantu abane kwesinye isigameko sokudubulana esibhedlela sase-Oklahoma eMelika ngoLwesithathu ntambama.
Kubikwe izingozi eziningi ngaphezu kwalaba abane okuqinisekisiwe ukuthi bashonile.
Amaphoyisa abesendaweni yesigameko aveze ukuthi umsolwa obedubula utholakale eshonile ehlome ngesibhamu esandleni.
IPhini lomphathi wamaphoyisa u-Eric Dalgleish uthe umsolwa akakahlonzwa ukuthi ungubani, kodwa bakholelwa ukuthi uzidubule ngephutha ngesikhathi edubula esibhedlela.
Imbangela yokudubula ibingakadalulwa, kodwa uKaputeni woMnyango wamaphoyisa e-Tulsa uRichard Meulenberg uthe lesi sigameko besicacisa kakhulu ukuthi lokhu kudubula bekuhloswe okuthize ngakho.
“Ungene kule ndawo ngamabomu wafike waqonda esitezi esithile wadubula ngenhloso ethile,” kusho uRichard.
“Lokhu bekungekhona ukudubula okungahleliwe.”
IPhini likaDalgleish lithe umbutho uthole ucingo mayelana nesigameko sokudubula ngo-4.52 ntambama esibhedlela. Amaphoyisa afike endaweni yesigameko ngemuva kwemizuzu emithathu.
“Amaphoyisa ezwe isibhamu ebhilidini esitezi sesibili,” kusho uDalgleish.
Amaphoyisa axoxisana nofakazi ukuze aqoqe eminye imininingwane ngalesi sigameko.
UMengameli waseMelika uJoe Biden ubikelwe ngesigameko kusho isitatimende se-White House esikhishiwe.
Lesi sigameko silandela isigameko sokudubula esenzeke e-Texas ngesonto eledlule lapho okushone khona izingane ezingu-19 nothisha ababili.
Ngasekuqaleni kwale nyanga kubulawe abantu abayishumi esitolo esikhulu e-Buffalo, e-New York esichazwe njengokuhlasela kwezinhlanga.
Isiguli esikhathazekile sithe nakuba ukudubula kuvamile eMelika kunzima ukukucabanga okwenzeke phambi kwamehlo akho.
“Awukwazi ukuya esitolo, awukwazi ukuya esikoleni, futhi manje awusakwazi ukuya kudokotela” isiguli sitshela i-KTUL.
Umthombo wesithombe: @Rappler