Buziwe Nocuze
Kusolwa ukuthi bantshontshe inkomo epulazini bayihlinza ngaphambi kokuyihambisa endaweni yabo.
Abakade bengakwazi futhi nabangakuqaphelanga ukuthi kukhona abababonayo futhi bayabalandela.
Ngehora lesine ekuseni kakhulu ngeSonto izakhamuzi zaselokishini lase-Mbekweni eKapa zivuswe ukuqhuma kwesibhamu.
Abesilisa abathathu abebeneminyaka engu-30, 33 no-40 badutshulwe bashona ngesikhathi bekhipha inyama emjondolo kamngani wabo.
Isakhamuzi sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngaphambi nje kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu kufike imoto laba besilisa baqala behlisa okuthile kopulasitiki abamnyama.
“Bengingazi ukuthi bebekhiphani kuthe besamatasa kwaqhuma izibhamu angikwazanga nokubala ngoba bekufana nefilimu,” kwengeza isakhamuzi.
Isakhamuzi sithe kuthe kufika amaphoyisa saya kobheka ukuthi kwenzakalani.
“Angikaze ngiyibone inyama engaka empilweni yami. Bekungathi inkomo yonke kanti enye ibisifakwe efrijini.”
Kukholakala ukuthi laba besilisa bebezodayisa le nyama kubadayisi abadayisa emigwaqweni kanye namashisanyama.
“Sike sizwe izindaba zokuthi abantu bahambe baze bafike e-Malmesbury beyontshontsha izinkomo, kodwa kusobala ukuthi abazilethi izinkomo eziphilayo lapha, bazihlinza babuye nenyama elokishini bazoyidayisa,” kusho elinye ilungu lomphakathi.
“Abantu bayakuthokozela ukuthola inyama eshibhile. Bayazi ukuthi laba besilisa abanawo amapulazi, kodwa ukuthola inyama entsha ngentengo eshibhile kulula.”
Oyedwa walaba balisa ubulawelwe ngaphakathi emotweni, owesibili udutshulwe ngemuva emotweni ngesikhathi ehlisa amasaka enyama kwathi owesithathu wadutshulwa efaka inyama emjondolo.
UBrigadier Novela Potelwa uthe abaseshi bobugebengu obuhleliwe baqale uphenyo ngemuva kokudutshulwa kwabesilisa abathathu.
“Amaphoyisa ase-Mbekweni abizelwe kumgwaqo obizwa ngokuthi iSakhelwe ngehora lika-5:10 ekuseni ngesikhathi befica izidumbu zinamanxeba amaningi okudutshulwa,” kusho uPotelwa.