Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kushone abantu ababili kwalimala abathathu ngesikhathi owesilisa ongaziwa obehlomile evulela ngenhlamvu ebhekise kwabahlanu abaqapha imigwaqo ezintatha zangoMgqibelo.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi amaphoyisa esifundazwe saseGoli ephume emijondolo yase-Stjwetla, e-Alexandra ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso we-O Kae Molao ngobusuku obufanayo.
Lo mkhankaso ubuholwa uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Elias Mawela, iphini likakhomishana uMajor-General Tommy Mthombeni namanye amaphoyisa aphezulu.
Imijondolo yase-Stjwetla ingenye yezindawo amaphoyisa abezulazula kuzo kodwa kubikwa ukuthi ngemuva kwehora lezi zikhulu zihambile kule ndawo kudutshulwe abaqaphi bemigwaqo.
Umholi womphakathi uMichael Ngobeni uthe le ndawo igcwele ukwesaba ngenxa yezigebengu ezihlasela izisulu ikakhulukazi ebusuku. “Kube nezigameko eziningi zobugebengu obunodlame endaweni,” esho.
Lokhu kuholele ekutheni amalungu omphakathi aqoqe aphinde akhe amaqembu azogada imigwaqo. “Ubugebengu buke bathi ukuncipha ngoba abaqaphi abasebenzisana namaphoyisa bebebopha abasolwa ngobugebengu,” kusho uNgobeni.
Ngesikhathi amaphoyisa esifundazwe esungula umkhankaso i-O Kae Molao kule ndawo kube yinjabulo kubaqaphi kanye nezakhamizi ukuthola ukwesekwa kwabomthetho. Kodwa kungakapheli namahora amabili amaphoyisa ehambile endaweni kushone abantu ababili.
Umholi wabaqaphi owaziwa ngelikaKing Tsonga uthe abaqaphi bemigwaqo bavimbe owesilisa obehamba emgwaqeni futhi bebefuna ukumsesha ngesikhathi evulela ngenhlamvu ebhekise kubo bonke abantu abebephambi kwakhe.
“Bekuyisimo esibi. Ababili badutshulwe bashona abanye kudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uTsonga.
Uthe abaqaphi badinga ukwesekwa njalo izinhlaka zomthetho. “Sifuna amaphoyisa ahlanganyele kanye nathi ebusuku.
“Asinazo izinsiza ezifana namavesti okuvikela, imisakazo yonogada kanye nama-reflector. Uma kuyisikhathi sokucishwa kukagesi sibhekana nokufa ngoba izigebengu zisuke zihlome ngezibhamu.”
Isisulu esidutshulwe emlenzeni sithe kuyadabukisa ukuthi abanye abantu babona abaqaphi abalwa nobugebengu njengezitha zabo. “Abafowethu bashone belwela ukuthula.”
UMnu Moses Makwimbila onguyise kaRodney Mathonsi oshone ngemuva kokudutshulwa uthe ulahlekelwe indodana ebithanda ukuthula. “Ujoyine abaqaphi ekuqaleni kwalo nyaka ngenhloso yokuletha ukuthula nokulwa nobugebengu.
“Ubengowesithathu ezinganeni zami futhi ubondla izingane zakubo, sizomkhumbula siwumndeni” kusho uMakwimbila.
Obeyilungu lekomiti lemeya lezokuphepha komphakathi eGoli uMgcini Tshwaku uvakashele imindeni yabaqaphi ngoMgqibelo. Ubephelezelwe amalungu oMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli.
Abaqaphi abaningana abavela ezifundeni ezahlukene edolobheni bahlanganyela nozakwabo ekusekeleni abaqaphi ababulewe.