Kudutshulwe ababili kwathi abayi-16 balimala ngemuva kokuba umphakathi uhlasele umhlangano wegatsha le-ANC

Moyahabo Mabeba

Udlame nokuchitheka kwegazi kuphazamise ukuqala komhlangano jikelele wegatsha le-ANC e-Limpopo, nokuphoqe ukuthi iqembu lihlehlise imihlangano yalo ngempelasonto.

Edolabhaneni lase-Ga Seleka e-Lephalale ngoMgqibelo, amalungu abehlomile ephethe izibhamu, ocelemba, nemikhonto agasele ehholo lomhlangano aqala ahlasela amalungu.

Phakathi kodlame, kudutshulwe abantu ababili, kwathi abalishumi nesithupha balimala.

Ngokwemibiko, lesi sixuku silandele abalimele abebeyiswa esibhedlela i-Witpoort basabisa nabasebenzi basesibhedlela.

Okhulumela i-ANC e-Waterberg, uMatome Moremi-Tauatswala, uthe “abahlengikazi nodokotela kuze kwadingeka ukuthi babalekele ‘izimpilo zabo’.”

Ukuphazamiseka okunodlame kuphoqe ukuthi uhlaka lwesifunda luyeke yonke imisebenzi yalo endaweni ethintekile kuze kube nokuthula.

Lesi sigameko esenzeke ku-ward 12 esifundeni i-Lephalale, sihlangabezane nokulahlwa okubanzi yizinhlaka zezifunda zeqembu.

UMoremi-Tauatswala uthe, “I-ANC ikhathazekile ngokuthi yize abenzi balezi zenzo ezimbi kangaka bekhonjwa, bekuboshwa abambalwa noma kungakaboshwa muntu ezimweni eziningi – futhi noma beboshiwe abenzi bobubi bayadedelwa ‘kanjalo nje’.

“Lokhu kunamandla okuphendula isifunda esincane sase-Lephalale sibe yisizinda sodlame lwezepolitiki esifundazweni. Njenge-ANC e-Waterberg, sinxusa uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni ukuba angenelele futhi abophe abenzi bobubi. Ukuziphatha ngodlame kuwumkhuba ongemuhle futhi ongqubuzana namasiko nezinqubo zenhlangano.”

Muva nje imihlangano yamagatsha kaKhongolose esifundazweni isanda kuphazanyiswa wudlame lapho amalungu abehlaselana khona.

Emasontweni amabili edlule, kwaba nesiyaluyalu ngesikhathi somhlangano wegatsha e-Nancefield, e-Musina lapho amalungu eqembu ahlaselana khona.

Ividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana itshengisa owesilisa elola ummese omude ngenkathi omunye ephethe isando.

Emasontweni amathathu edlule, kugwazwe abantu ababili ngesikhathi kuqhubeka i-BGM e-Dennilton, ngaphandle kwase-Groblersdal esifundeni sase-Sekhukhune.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe “Singaqinisekisa ukuthi amacala okuzama ukubulala, ukuhlasela i-GBH, ukulinyazwa kwempahla nodlame emphakathini avulwe ngamaphoyisa esiteshini samaphoyisa e-Witpoort esifundeni sase-Waterberg. Umsolwa oneminyaka engama-41 ubudala uboshiwe kwatholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm.”

Izifunda zase-Limpopo kulindeleke ukuthi ziphothule izingqungquthela zazo zokukhetha ngaphambi kokuphela kukaNtulikazi.

Izihloko zakamuva