Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izigebengu zase-Khayelitsha zishiye abasakazi bomsakazo iZibonele FM bekhungathekile ngemuva kokuduna imoto yabo zaphinde zabagebenga.
Umshayeli wemoto yomsakazo iZibonele FM ohlala kwelinye lamalokishi ayingozi kakhulu eKapa ubanjwe inkunzi amadoda amathathu abehlomile.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa umshayeli obeshayela esigcemeni se-Town Two ngezithuba zabo-2:30 ekuseni uthe: “Bengithatha umethuli wezinhlelo ngesikhathi amadoda amathathu abehlomile egxumela emotweni engikhomba ngezibhamu,” esho.
“Bangisuse esihlalweni bangiyalela ukuthi ngingababuki bangibeka esihlalweni esingemuva kwesomshayeli. Ngenze lokho abangitshele khona ngoba bengisabela impilo yami.”
Umshayeli ubeboshiwe wehliswa kwenye indawo kulona leli lokishi.
Uthe lesi sigameko simshiye enkemile.
“Ngiyabonga ukuthi abazange bangidubule ngoba lokho kuhlezi kwenzeka ezigamekweni eziningi.”
UZweli Nokhatywa ophethe umsakazo iZibonele FM uchaze lesi sigameko njengesibuyiselana emuva nesidumazayo.
“Sizoqhubeka nokusebenza angeke sikuvumele lokhu kusithene amandla, lokhu ngeke kusithikameze emsebenzini wethu,” kusho uZweli.
Ukholelwa ukuthi akubona bodwa abadunwe imoto njengoba kubikwe izimoto ezinhlanu eziduniwe esiteshini samaphoyisa e-Khayelitsha ngosuku olulodwa.
Imoto yalo msakazo itholwe isikhishwe izinto yaphinde yacekelwa phansi.
“Kuzosibiza imali eshisiwe ukulungisa isiteringi, i-ignition, i-electronics kanye ne-dashboard uqobo.
Lesi sigameko silethe izinkumbulo ezimbi kulo msakazo ngemuva kwesigameko sokudunwa kwemoto ngoLwezi ngo-2020. Imoto yabo yohlobo lwe-Avanza yadunwa e-Samora Machel ngesikhathi ihambise omunye wabasakazi ekhaya lakhe. Imoto ayizange itholakale.
Ngesonto eledlule umthwebuli wezithombe wase-Cape Argus naye uphucwe imishini yakhe kulona leli lokishi. Izigebengu ziye zamlinda ukuthi aqedele umsebenzi wakhe zafuna impahla yakhe yokusebenza kanye nomakhalekhukhwini.
Okhulumela i-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe ikhumbi yomsakazo iZibonele FM yohlobo lwe-Ford ibikuGovan Mbeki Drive e-Khayelitsha ngesikhathi amadoda amathathu abehlomile eyimisa ayithatha.
“Isisulu siye saboshwa izandla sehliswa eduze kwaseQandu Qandu ngemuva kwalokho abasolwa babaleka nemoto.”
Onolwazi uyacelwa ukuthi ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.
Esithombeni esingenhla: Imoto yomsakazo iZibonele FM yohlobo lwe-Ford edunwe e-Khayelitsha
Umthombo Wesithombe: Zibonele FM