
Dylan Bettencourt
Indiza ebithwele abagibeli abangu-22 ilahleke ezintatha ngeSonto.
Indiza i-Twin Otter isuke ngehora leshumi ekuseni, kodwa ayikwazanga ukuxhumana nabalawula izindiza sekusele imizuzu emihlanu ukuthi ihlale phansi.
“Indiza ekade ilibangise e-Jomsom isuka e-Pokhara abasakwazi ukuxhumana nayo,” kusho uSudarshan Bartaula okhulumela i-Tara Air etshela abe-AFP.
Okhulumela i-Tara Air ukuqinisekisile ukuthi bekunabagibeli abangu-19 nabasebenzi abathathu endizeni ebizothatha imizuzu engu-20.
UPhanindra Mani Pokharel okhulumela uMnyango Wezasekhaya ukuqinisekisile ukuthi bakhiphe izindiza ezinophephela emhlane ezimbili ukuze zithungathe le ndiza edukile.
Kodwa-ke inkinga yenze abashayeli bezindiza ezinophephela emhlane bangakwazi ukubona kahle, kuchaza uPokharel.
“Isimo sezulu esibi kungenzeka siphazamise umsebenzi wokubheka le ndiza njengoba bengaboni lutho,” kusho uPokharel.
Indiza enophephela emhlane ibuyele esisekelweni ngokusho kweziphathimandla ze-Nepal’s civil aviation.
“Indiza enophephela emhlane eyodwa ibuyele e-Jomsom ngenxa yesimo sezulu futhi awukho umkhondo wendiza elahlekile otholakele,” kusho isitatimende.
“Izindiza ezinophephela emhlane sezimi ngomumo ukuyobheka e-Kathmandu Pokhara nase-Jomsom uma isimo sezulu sesingcono. Ithimba lamasosha namaphoyisa liyaqhubeka nokubheka le ndiza.”
I-Nepal okuyikhaya lezintaba eziyisishiyagalombili kwezingu-14 eziphakeme kakhulu emhlabeni inomlando wezimo zezulu ezimbi eziholela ekutheni izindiza ziphazamiseke.
Ngonyaka ka-2018 indiza yaseMelika ye-Bangla Airlines eyayisuka e-Dhaka iya e-Kathmandu yaphahlazeka ngesikhathi izama ukuhlala phansi kwagqamuka umlilo kwashona abantu abangu-51 kwabangu-71 ababekumkhumbi.
Umthombo wesithombe: @Reuters