Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Buphenduke ubuhlungu ubusuku obekumele kube obokuzijabulisa phakathi kwabangani abathathu.
UThimna Kuze (13) kanye nabangani bakhe ababili eKhayelitsha eKapa baphoqwe ukuthi baphuze utshwala badlwengulwa kanti uThimna yena yedwa ube esebulawa.
UThimna ubenogogo wakhe ngesikhathi abangani bakhe ababili, abangamawele befika kubo ngabo-9.45pm bezocela ukuthi bachithe ubusuku naye.
Unina wamawele, uNoluvuyo Vulangeqele uthe ukholelwa ukuthi umalume wamawele wathenga utshwala waphoqa amantombazane ukuthi abuphuze. Uthe waphinde wabaphoqa ukuthi babheme ipayipi le-hubbly ngemuva kwalokho walala ekamelweni elilodwa namawele nabangani babo.
“Angikwazanga ukugxila emngcwabeni engangiye kuwo e-Eastern Cape. Ngiphoxeke kakhulu ngomfowethu, bengimethemba futhi bengingakaze ngicabange ukuthi angenza into efana nalena.”
Unina kaThimna, uNokuthula Kuze uthole ngale nhlekelele ngoMgqibelo. Ukholelwa ukuthi indodakazi yakhe yadlwengulwa ngaphambi kokuba ibulawe.
“Indodakazi yami ibihlala nomama. Ngifike ngomgqibelo ngizobageza kodwa ubengekho. Umama ubevele engazizile ngokulala kwamngani wakhe.”
Elinye lala mawele kutholakale ukuthi lidlwenguliwe, kanti abanye abangani balo bebenemihuzuko esithweni sangasese.
Amawele athola uThimna elele phezu kwama-tiles abandayo, futhi becabanga ukuthi ulaliswe utshwala bambathisa ingubo.
“Bazamile ukumvusa, kodwa wangaphendula. Ngesikhathi bezama ukumphakamisa bathuke bebona igazi liphuma esithweni sakhe sangasese,” kusho uKuze.
Izakhamuzi zithole isidumbu sikaThimna ngoMgqibelo ekuseni kanti sekuqalwe uphenyo.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uKaputeni Frederick van Wyk uthe amaphoyisa aseKhayelitsha asevule icala ukuze aphenye ngaloludaba.
“Icala lokushona kwentombazane eneminyaka engu-13 ubudala liyaphenywa, kwenziwe ukuxilongwa kwesidumbu kwaqinisekiswa ukuthi kukhona okwenzekile ngaye,” kusho uVan Wyk.
Osesithombeni esingenhla: UThimna Kuze
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe