Kudlule nemiphefumulo ukubhidlika kodonga ledamu

Tladi Moloi

Abantu abahlala eduze kwemayini yedayimane e-Jagersfontein kade baqala ukubona imifantu odongeni lwedamu le-slimes.

Bekuyingozi ebeyilindeleke ukwenzeka noma inini. NgeSonto ekuseni udonga lwedamu luvele lwabhidlika.

Izindlu, izimoto, imfuyo konke kumuke nodaka, kwacekeleka phansi imiphakathi yase-Charlesville naseSkhothi.

Kuqinisekiswe ukuthi babili abantu abashonile kanti abalinganiselwa ku-40 baphuthunyiswe esibhedlela.

UNomthandazo Michaels wase-Charlesville utshele i-Scrolla.Africa ukuthi udinwe ugane unwabu ngokwenzekile ngoba izakhamuzi sezibe namamashi amaningi emayini zicela abanikazi bendawo ukuthi baphume ngoba iyingozi.

“Sibaxwayisile abakaze balalele.

“Ngizwe omakhelwane bekhala bethi asibaleke. Ngaphuma endlini nengane yami sabaleka saya ezintabeni,” kusho uNomthandazo.

Isisulu esineminyaka engu-46 sithe umlenze waso usabuhlungu njengoba kudingeke ukuthi basize izalukazi namakhehla ukuthi ziphume ezindlini zabo ngamabhala.

“Kusathungathwa abanye abantu njengoba bengakatholakali. Siyazi ukuthi kukhona abashonile, kodwa okwamanje asibazi,” usho kanje.

Umsebenzi wokusesha nokuhlenga ubuqhubeka futhi umbiko ogcwele uzokhishwa uma usuphothuliwe.

“Umbiko onemininingwane mayelana nezimo ezenzeke kulesi sigameko uzokhishwa uma sekuhlanganiswa imniningwane,” kusho isitatimende esiphuma ehhovisi likaNdunankulu wase-Free State.

Njengamanje uMichaels nabanye abasindile basehholo lomphakathi i-Jacob Zuma Fauresmith.

UMnu Veronica Peterson ohlala e-Red Location eduzane nemayini uthe namanje basathukile. Bebengeke balale ngokuthula ngemuva kwesigameko.

UPeterson wengeze ngokuthi le mayini ihlale iyingozi emphakathini, kodwa akekho owayithatha njengebalulekile.

“Kusolakala ukuthi le mayini yaqhuma ngemuva eminyakeni embalwa eyedlule,” kusho yena.

Uthe idamu lemayini lineminkenke emikhulu ebonakalayo futhi bebebona ukuthi ngelinye ilanga kukhona okubi okuzokwenzeka.

“Kwesinye isikhathi besibona abasebenzi edamini bezama ukuvala iminkenke kodwa bekunganele. Okubuhlungu kakhulu ukuthi ukungazi kwabo sekudlule nemiphefumulo yabanye abantu kwashiya inqwaba yamalungu omphakathi dengwane.”

Ihhovisi likaNdunankulu liqaphele ukuthi wonke umonakalo uzokhokhelwa inkampani yezimayini.

“Isinxephezelo sabashonile, isinxephezelo mayelana nokulimala kwempahla sizothathwa njengesibopho senkampani ephethe idamu le-slimes,” kwengeza isitatimende.

USisi Nthombela uNdunankulu wase-Free State kanye noMxolisi Dukwane uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kanye noMontsheng Tshiu uNgqongqoshe wezeMpilo bavakashele uFauresmith ukuyonikeza imindeni nezingubo zokulala.

“Siyazibophezela ukuthi sizokweseka futhi sisize imindeni ethintekile ngakho konke esinakho. Okusemqoka kakhulu esigxile kukho ukuphepha kwezakhamuzi, kodwa sizohlangana nemayini okukhulunywa ngayo ukuze siqonde ukuthi ngabe konakelephi.

Izihloko zakamuva