Kudlule inkakha enomlando omude ebholeni likanobhutshuzwayo eSA

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Orlando Pirates isiqinisekise ukushona kowayengumqeqeshi weBafana Bafana, uStanley Tshabalala, nowaziwa ngelika-“Bra Stan” noma “Screamer,” ushone ngenxa yokulimala ngemuva kokudutshulwa kwakhe ngoNdasa.

“Umndeni wakwaTshabalala kanye ne-Orlando Pirates bamemezele ukudlula emhlabeni kukaStanley Tshabalala esibhedlela,” kusho isitatimende sePirates.

“UBra Stan ushone ngenxa yokulimala akuthola ngesikhathi edutshulwa ngoNdasa kulo nyaka.”

UTshabalala ubengumdlali obalulekile ebholeni laseNingizimu Afrika, ehola iBafana emdlalweni wayo wokuqala osemthethweni ngemuva kokubuyiselwa ekudlaleni esigabeni samazwe ngamazwe ngo-1992.

Ubeyilungu elasungula iKaizer Chiefs futhi waqeqesha iMamelodi Sundowns ngeminyaka yango-1980.

“Siphatheke kabi kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMnuz Stanley ‘Screamer’ Tshabalala,” kubhala iKaizer Chiefs.

“Wayengumdlali nomqondisi wezobuchwepheshe engxenyeni yeqembu phakathi kuka-1996 no-2001. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaTshabalala kanye ne-Orlando Pirates FC kanye nomndeni webhola laseNingizimu Afrika.”

ISundowns nawo idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani.

“Siyakhala ngokulahlekelwa nguStanley ‘Screamer’ Tshabalala. Umsebenzi wakhe uyohlezi ukhunjulwa ebholeni,” ngokusho kwesitatimende.

Imininingwane ngesigameko sokudubula esenzeke ngoNdasa emzini kaTshabalala ayikakaziwa.

Isithombe esingenhla: Isikhulu se-Orlando Pirates uStanley Tshabalala.

Umthombo: IStanley Tshabalala Foundation

Izihloko zakamuva