Lubhalwe yiNtatheli yoMbele
UKUSIMAMA kobuchwepheshe kusho ukuthi asisekho isidingo sokuthi abantu bahambe bephethe amakhadi asebhange njengoba esetholakala kumaselula nasemawashini.
Phela abantu abanama-banking app bakwazi ukuthenga ngamakhadi abo asocingweni abizwa ngama-virtual card.
UNkk uNerosha Maseti, i-lead ombud for Banking and Credit eNational Financial Ombud (eNFO), uphiko oluxazulula izinkinga zabathengi zasebhange, uthi abantu kufanele bahlale beqaphile.
“Sithole izikhalo eziningi zabantu abasebenzisa amakhadi asocingweni, ezisuke ku-1 436 ngoJanuwari kuya ngoMeyi wangonyaka odlule zaya ku-2 483 ngezinyanga ezifanayo kulo nyaka. Kusho ukuthi zinyuke ngo-73% futhi zidlula izikhalo ngamaqola ama-ATM, zazidlula ngamacala awu-3 350.
Lolu daba luqale lwashicilelwa kuMbele, iziko lezindaba zamabhizinisi.
Funda udaba oluphelele: https://www.umbele.co.za/2025/
Isithombe: Sithunyelwe
