UZukile Majova uthi kunesizathu esenza ukuthi i-ANC ithwale kanzima ukuthola ukulingana ngokobulili ngokuthi kube khona abesifazane ezinhlakeni eziningi.
Ingcosana yabaholi besifazane asebengene ezikhundleni eziphezulu kwi-ANC bakhuluma ngezindaba ezinyantisayo zokusatshiswa kanye nengcindezi engafanele, okuhlanganisa nenqwaba yabantu ababashayela izincingo bebabiza ngamagama nokungabeseki ukuthi bangenele izikhundla ezithile.
IPhini likaSihlalo eGoli uNomantu Nkomo-Ralehoko uthe abesifazane abafisa ukungenela izikhundla eziphezulu bangalindela ukuhlukumezeka nokudangala.
“Siyabatshela ukuthi kumele baqine ngoba siyakwazi ukuhlukumezeka obhekana nakho njengomuntu wesifazane uma ungenela lezo zikhundla. Ngike ngaba lapho, ngiyazi.
“Kwangihlekisa kakhulu ngesikhathi bethi ngiyisigebengu. Owesilisa othi owesifazane uyisigebengu, ngavele ngacabanga ukuthi ‘cha kuyamangaza, lokhu kuyasinda’ kodwa okungenani kwabonisa ukuthi ngenze into la madoda ayengakaze acabange ukuthi ngizoyenza.”
Uthe wathola izingcingo eziningi ezivela kubaholi bezama ukumvimba ukuthi angenele isikhundla esiphethwe abaholi besilisa.
“Kwadingeke ukuthi ngiqine isibindi kodwa kwangihlukumeza kakhulu.”
UNkomo-Ralehoko utshele i-SABC ukuthi abesifazane sebefuna abesifazane abathathu bafakwe ohlwini lwabayisithupha be-ANC kungakhathalekile ukuthi bathola ziphi izikhundla.
Iphini likanobhala-jikekele ongasekho uJessie Duarte uyena yedwa owesifazane owaqokwa kwabayisithupha abaphezulu engqungqutheleni yokugcina yango-2017.
IKomiti eliPhezulu lesiFundazwe saseGoli yilona lodwa kuleli elinabesifazane abathathu kwabayisithupha abangabaholi.
Njengamanje iqeqebana elifuna ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa athathe ihlandla lesibili linowesifazane oyedwa kuphela ohlwini lwabayisithupha abaphambili.
Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa evala iNgqungquthela kaZwelonke yeNqubomgomo, uthe zonke izinhlaka ze-ANC kumele zikhombise ukulingana ngokobulili ngokuthi kube no-50% wabesifazane ezikhundleni.
“Njengezithunywa kule ngqungquthela yenqubomgomo, sizimisele ukuzuza ukulingana ngokobulili kuzo zonke izigaba zempilo. Ukuqala phakathi kwamazinga omkhankaso wethu; kuzo zonke izinhlaka, kuzo zonke izinhlelo nakuzo zonke izinto esizenzayo njenge-African National Congress, kumele kube nokulingana.”