Kudlalwa ipolitiki njengoba i-IFP ibifuna ukuvimba inkonzo yesikhumbuzo kaMagwaza Msibi

Celani Sikhakhane

Iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) elihola umasipala wasoLundi babekwe izinsolo zokuzama ukuvimba isikhumbuzo kanye nomngcwabo kaZanele kaMagwaza Msibi obephethe iqembu le-National Freedom Party (NFP).

NgoLwesithathu umndeni uthe uphoqwe  ukuba ususe itende ebelifakwe epaki esondelene nesakhiwo sesishayamthetho KwaZulu-Natali lapho obekuzobanjelwa khona isikhumbuzo.

Umndeni uthe bakhiphe itende ngemuva kokuvinjelwa ukuba bangene endaweni kamasipala.

Umndeni ukholelwa ukuthi isinqumo sithathwe osopolitiki ngenhloso ethize.

Ngehora leshumi nanye, abaholi besonto elibizwa nge-Roman Catholic Church banikeze umndeni indawo yokubambela khona isikhumbuzo esenziwe ngoLwesine.

UZanele kaMagwaza Msibi waxoshwa kwiqembu le-IFP, wase wayoqala elakhe le-NFP ngoNhlolanja ngowezi-2011. Waphathwa isifo sohlangothi ngoLwezi ngonyaka wezi-2014 ngesikhathi esemzini wakhe e-Newcastle ngemuva kwezinyanga ezine ekhethiwe ukuba ibamba likaNgqongqoshe wesayensi nobuchwepheshe. Akazange asinde ngokuphelele ngoba uze washona ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela umndeni uSphamandla Ntombela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lokhu bekuyinto ebuhlungu kakhulu abengayilindele. Bacelile ukuba babambele isikhumbuzo enkundleni ebizwa ngePrince Mangosuthu, kodwa umasipala wasoLundi wanqaba.

“Sidlulele phambili sayocela ihholo lomphakathi elibizwa ngePrince Mandisa elakhiwa ukaMagwaza Msibi ngesikhathi eyimeya yaseZululand iminyaka eyi-15” kusho uNtombela.

Kodwa banqaba futhi.

“Yilapho esithathe khona isinqumo sokusebenzisa indawo evulekile eseduze nebhilidi lesishayamthetho. Yilapho kuthumelwe amaphoyisa ukuba asuse itende” kusho uNtombela.

Umphathi kamasipala uNkosenye Zulu uthe abavumanga ukuba basebenzise inkundla ngenxa yemibandela ye-Covid-19.

Uyaphika ukuthi umasipala othumele amaphoyisa ukuba ayosusa itende.

Izihloko zakamuva