Kudalulwe uSphithiphithi Evaluator ongumgqugquzeli wezinxushunxushu zangoNtulikazi

Lungani Zungu

USphithiphithi Evaluator ongumsebenzisi we-Twitter ukhishelwe obala.

Umnikazi wale akhawunti nguZamaswazi Majozi, umama wezingane ezimbili oneminyaka engama-36, ohlala e-Gauteng nomyeni wakhe, kodwa odabuka KwaZulu-Natali.

Udalulwe eNkantolo yeMantshi yase-Germiston ngoMsombuluko ngenkathi evela ngamacala okususa uthuthuva e-KZN nase-Gauteng ngenyanga edlule.

Uboshwe ngoMgqibelo wadedelwa ngebheyili yemali eyizi-R3,000.

Kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo mhla ziyi-18 kuMfumfu.

Eminyakeni eminingi, bambalwa kakhulu abantu ababazi ukuthi ngubani obesebenzisa i-akhawunti engaphansi kwegama elithi Sphithiphithi Evaluator, eqoqe abalandeli abangaphezu kwabayizi-66,000.

Le akhawunti yavulwa ngonyaka wezi-2013 futhi njalo ibilokhu ifaka imibhalo esekela uJacob Zuma kanye naphikisana naye uCyril Ramaphosa kusukela ngaleso sikhathi.

Inkantolo inqume ukuthi akukho zithombe namavidiyo akhe okumele athathwe enkantolo ngokuhambisana nokuvikela ukuthi angabonakali ebusweni.

Abammeli bakhe babika ukuthi akayona ingozi futhi kufanele adedelwe ngesixwayiso.

Abammeli bakhe baphinde bathi uZamaswazi unenkampani epheka ukudla edonsa kanzima ngokwezezimali.

Ibinzana elithi isphithiphithi, lihumusha ukudideka noma isiyaluyalu, futhi laqanjwa nguZuma ngesikhathi esanguMengameli ngesikhathi semibuzo nezimpendulo ePhalamende Likazwelonke.

Indodakazi kaZuma uDuduzile ubephakathi kwabantu bokuqala abangena ku-Twitter bamukela uZamaswazi ngemuva kokuchitha ubusuku obubili ejele.

Omunye umsekeli kaZuma futhi owayeyisishoshovu se-Fees Must Fall uBonginkosi Khanyile uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili ngamacala okugqugquzela udlame.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele utshele i-Newzroom Afrika ukuthi kuboshwe abasolwa abayi-18 ngokugqugquzela udlame ngemuva kokuboshwa kowayenguMengameli wezwe uZuma ngenyanga edlule.

Kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu njengoba amaphoyisa eqhubeka nophenyo, kusho uCele.

Izihloko zakamuva