Kucutshungulwa eyokuthula amakhadi amasha ebholeni likanobhutshuzwayo

I-International Football Association Board (IFAB), okuyinhlangano ebhekelele imithetho yemidlalo, ihlela ukwethula amakhadi ahlaza ne-sin bins ebholeni likanobhutshuzwayo.

Kuma-trial ukubhekana nokuphikiswa kwabadlali kanye nokujezisa amaphutha lelikhadi lihlose ukuthuthukisa indlela yokudlala nokuhlonipha izinga lomdlalo.

Imigqomo ye-Sin bins esho ukukhipha umdlali eceleni okwesikhashana imizuzu engu-10 kulandela ukunikwa kwakhe ikhadi elihlaza, isivele iyasetshenziswa emazingeni ebhola aphansi.

Imininingwane emayelana nokuqala kwayo ayikacaci.

I-Premier League ihoxile ekubeni yingxenye yokuqala kwale-trial.

I-Fifa ichaze ukuthi noma yimiphi imibiko ephakamisa ukuqaliswa kwamakhadi aluhlaza emazingeni ebhola ayilungile.

I-global governing body inengcindezi yokuthi uma ukuqalwa kwalamakhadi kuqhubeka imidlalo izoqala emazingeni aphansi.

Amakhadi aluhlaza ahlelelwe ukufakwa kwingxoxo ezoba khona emhlanganweni waminyaka yonke we-Ifab ngoNdasa e-Scotland.

Imigomo ye-Sin bin iyingxenye ye-agenda.

Selokhu kuqalwe lama-trials kubonakala ukwehla kwezigameko zokungaboni ngaso linye ngo-38% kumaligi angu-31 esigabeni sokuqala sika-2018-19.

Ngemuva kwale mpumelelo, kwethulwe imigqomo ye-sin bins kwi-grassroots football ngesizini ka-2019-20.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Amakhadi aluhlaza.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva