Kucishe kwavalwa ngehlahla kuqhuma kuwodloka umgwaqo eGoli

Kubikwa ukuthi amakhebuli wegesi  angaphansi komhlaba ayimbangela yokuqhuma okukhulu okwenzeke ku-Bree Street maphakathi neGoli.

Ividiyo ethwetshulwe ngoLwesithathu ikhombisa umphumela walokhu kuqhuma. Izingxenye ezinkulu zomgwaqo zibonakala zibhidlikile kanti izimoto eziningi okubalwa kuzo namatekisi zigingqikile.

Kubikwa ukuthi indawo okwenzeke kuyo le nhlekele isekhoneni lika-Eloff no-Bree Street. Abakwa-Netcare bathumele abazimo eziphuthumayo endaweni ukuze basize.

Abakwa-Road Angels Traffic Information baluleke umphakathi ukuthi usuke kule ndawo uvumele abezimo eziphuthumayo ukuthi bakwazi ukusebenza endaweni yesigameko.

Okwamanje akukacaci ukuthi ngabe ukhona yini umuntu olimele kulokhu kuqhuma kodwa abezimo eziphuthumayo bebengakezwa lutho mayelana nokushona kwabantu.

Lolu daba luyaqhubekayo.

Izihloko zakamuva