Kucishe kwasuka olwezichwe kuhlangana i-EFF neDudula

Everson Luhanga

I-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye no-Operation Dubula babhekane ngeziqu zamehlo kwasala ozogadla kuqala ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Dobsonville ngoLwesithathu ekuseni.

I-EFF ithe ivulela umholi we-Operation Dudula, uMnu Nhlanhla Lux Dlamini icala, ngezenzo zakhe okubalwa ukubhedla udlame olubhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle nabakuleli.

NgoLwesithathu ekuseni la maqembu amabili ebecula ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa ngesikhathi isimo sishuba.

Amalungu e-EFF ebephethe izinduku zegalofu, izando, imikhonto kanye nezimvubu.

Amaphoyisa aye aphoqeleka ukuthi avimbe la maqembu amabili ukuthi angalwi.

UDlamini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umangele ngesikhathi ebona amanye amalungu e-EFF ephethe izikhali ngoba athe aze esiteshini samaphoyisa kuphela ukuzomvulela amacala.

“Silapha ukuzomasha ngokuthula. Asinazo izikhali ezandleni zethu futhi asibangi lutho namalungu e-EFF,” kusho uLux.

UKhomishana wesiFunda saseGoli uGeneral Max Masha uthe amaphoyisa azobopha noma ngubani ovulelwa icala.

“Kusamele sibone idokodo namacala,” usho kanje.

UNobhala we-Operation Dudula esifundeni sase-Tshwane uMokgalusi uthe ubekhona ukuzokweseka uLux okuthiwa uzoboshwa ngamaphoyisa ngokugasela endaweni okusolakala ukuthi igcwele izidakamizwa e-Dobsonville ngeSonto.

“Bengikhona namaphoyisa ebekhona, angazi ukuthi kungani beqonde uNhlanhla Lux yedwa.

UMnu David Kwinda we-EFF, ongumphathi kwezokuphepha nokuvikeleka kwe-Defenders of Revolution eGoli, uthe leli qembu lize e-Dobsonville ukuzokweseka ubuholi balo bukazwelonke obebukhona ukuzovulela uLux icala.

“Sifuna uNhlanhla Lux abhekane nengalo yomthetho ngalokhu akwenze ngeSonto.”

UKwinda uthe ukuphatha imikhonto nezinduku zegalofu kuyindlela evamile yokubhikisha.

“Njalo uma abazali bethu bemasha babejwayele ukuphatha noma yini, thina asinalo udlame futhi asizile ngempi, silapha ngokuthula,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz