
Sihle Mkhize
Umbango wokuthi ngubani onelungelo lokudayisa insangu nogwayi emagcekeni esikole kuholele ekutheni omunye umfundi agwaze omunye kubuka abanye abafundi nothisha.
Omunye wabafundi obekule mpi uvumile ukuthi kudayiswa insangu nogwayi emagcekeni esikole.
Isikole samabanga aphezulu e-Mthente, esisemakhaya eFakazi, eningizimu yeTheku KwaZulu-Natali kudingeke ukuthi sivalwe izinsuku ezimbili njengoba lesi sigameko sishiye izingane zesikole zihlukumezekile futhi zesabela impilo yazo.
Isigungu esilawula isikole (i-SGB), i-SAPS yaseManzimtoti, abaholi bendabuko nabazali babuthane emhlanganweni ngoLwesithathu, ngemuva kwesigameko bezodingida ngalolu daba ukuze kutholakale isixazululo.
Umfana oneminyaka engu-15 ubudala owagwazwa ebusweni utshele i-SGB ukuthi kunamaqembu ehlukene adayisayo esikoleni.
“Ingxabano idalwe ukuthi ngubani onelungelo lokudayisa insangu lapha esikoleni,” kusho lomfundi.
Umfundi ukhihle isililo ngesikhathi ezama ukuveza uhlangothi lwakhe emhlanganweni.
Umholi wendabuko uToyi Khwela edinwe egane unwabu ehambisana nethimba lakhe ubuze ukuthi ngabe abafundi baya esikoleni ngenhloso yokucekela phansi impilo yezinye izingane noma yokuyofunda.
“Lokhu kumele kuphele, esikwaziyo ukuthi esikoleni kuzelwe ukuzofunda. Umsebenzi wakho ukunaka izifundo zakho. Izigameko ezifuze lezi zihlukanisa umphakathi futhi zidala udlame olungenasidingo,” kusho uKhwela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uMnu Muzi Mahlambi uthe abazali nothisha kumele basebenzisane ukugwema izigameko ezifuze lezi.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi unina wesisulu esisodwa uvule icala esiteshini samaphoyisa eManzimtoti kodwa wabuye walihoxisa.
Ngesikhathi ebuzwa ngokuhoxisa kwakhe icala, uthe kube isinqumo sakhe ukuthi angaqhubeki naleli cala.