Kucishe kwaphuma isidumbu kubangwa indawo yokulala 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Izakhamuzi ezihlaselwe izikhukhula zifune ukukhoseliswa ehholo lomphakathi i-Nellmapius eMamelodi ukuze zigweme ubungozi bemvula enamandla.

Kodwa kunenkinga ehholo lomphakathi.

Ezinye izakhamuzi sezihlale ehholo iminyaka emibili selokhu zafika ngesikhathi amakhaya azo e-Eerstefabriek egcwala amanzi ngo-2021.

Okubi nakakhulu ukuthi uphahla lwehholo luyavuza.

Ukuvuza kwenze izakhamuzi zalwela indawo lapho kungekho khona amanzi phansi.

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa ifika ehholo ngoLwesithathu, izimpontshi zabo bezigcwele igceke ngenxa yokuthi bezimanzi.

Isakhamuzi esingathandanga kudalulwe igama laso sithe abantu abebesehholo bacishe bavelelwa umshophi ngoLwesibili ebusuku.

“Besilwela indawo kanti abantu asebehlale lapha isikhathi eside bazizwa benelungelo futhi befuna ukuthi silale lapho kuvuza khona. Besingene sikwazi ingakho siziphoqile ukungena kwizimpontshi zabo.”

“Ukube uhulumeni usithuthile sonke esisezindaweni ezikhahlamezekile izikhukhula, ngabe akukho lokhu obekwenzeka. Manje kwabiwe indawo ngokubheka ubuzwe, ubani osenesikhathi eside elapha nongakwazi ukuphikisana ngezwi elikhulu kunawo wonke.”

Esinye isakhamuzi sithe lokho izingane zabo ezikubonayo kuyazihlukumeza.

“Phakathi kwamabili bavuswe abantu belwa, akukho mfihlo futhi akuphephile. Lezi akuzona izimo okufanele izingane zikhule ngaphansi kwazo.”

Okhulumela idolobha lase-Tshwane uLindela Mashigo, akazange aphawule ngalolu daba yize i-Scrolla.Africa izame kaningi.

Isithombe esingenhla: Izipontshi ebezigcwele phama emagcekeni ehholo lomphakathi e-Nellmapius

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva