Kuchichima injabulo kukhishwa usuku uChris Brown azogiya ngalo kuleli

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UChris Brown usememezele uhlelo lwakhe alubiza ngokuthi, “Breezy in South Africa,” oluzoba ngomhlaka-14 kuZibandlela eFNB Stadium eGoli.

Ngesonto eledlule, lo mculi waseMelika wabelane ngenjabulo yakhe nabalandeli bakhe ku-Instagram, wathi ubuyela eNingizimu Afrika lapho ezokwenza khona uhlelo lwakhe lokuqala kuleli selokhu wagcina eminyakeni cishe engu-10 edlule.

Amathikithi azoqala ukudayisa ngomhlaka-3 kuMfumfu ngo-10 ekuseni.

Kwezinye izindaba ezinkulu zezokungcebeleka, uTyla wengoma eshisa isikhotha i”Water” u”Queen of Popiano,” kanye nowine indondo yeGrammy Award yeBest African Music Performance, uveze ukuthi usebuyela eNingizimu Afrika ngemuva kwezinyanga ezungeza umhlaba wonke.

“Ngiyeza ekhaya!” esho ememezela izinhlelo zakhe zokucula kwikhonsathi yaseMzansi kulo nyaka.

Imininingwane mayelana nendawo nokuthengiswa kwamathikithi ayikakhishwa.

Esithombeni esingenhla: UChris Brown.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva