Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuchazeke uMengameli waseMalawi kuhlangana izizwe zikaZulu ezahlakazeka ngemuva kwempi yango-1818 yase-Gqokli lapho iLembe lehlula khona abakwaNdwandwe maqede abanye babaleka bayokwakha uZulu e-Malawi nasenhla nezwekazi lase-Afrika.
Lokhu kwenzeke emcimbini omkhulu obuseMzimba khona e-Malawi ngoMgqibelo wokugubha iminyaka eyishumi yeSilo sabaNgoni uM’mbelwa V esesihlalweni.
ISilo uM’mbelwa V siyisizukulwane seNkosi uZwangendaba kaZiguda Jele Gumbi owayehola amabutho kaZwide kaLanga mhla behlulwa iNkosi uShaka kaSenzangakhona ngasoPhongolo.
Kwathi uma behlulwa uZwangendaba wabaleka nabantu bakhe banyukela e-Malawi nokuyilapho afike waqala isizwe sakhe sabeNgoni esakha izizwe ezingu-16 ezizinze e-Zambia, e-Malawi, e-Zimbabwe nase-Tanzania, okuyilapho afike wedlula khona emhlabeni.
Lo mcimbi obungoMgqibelo ubuhanjelwe amakhosi ayisizukulwane sakhe kanye nendlu yesizukulwane seLembe yobukhosi bukaZulu obuholwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMengameli wezwe lase-Malawi nobeyingxenye yalo mgubho uDkt Lazaurus Chikwere uthe lokhu kukhomba indlela ebheke phambili yeNhlangano i-African Union nesekwa yizwe lonke ekubumbaneni kwezizwe zama-Afrika i-Malawi 2063 Vision.
“Lokhu engikubona namhlanje uZulu uhlangene kuwuphawu olumqoka lokuthula nokubumbana. Kuyingxenye yesakhiwo esimiselwe kuso i-Vision 2063 egxile ekubuyisaneni kwezizwe zama-Afrika nokuqhakanjiswa kwamasiko ngokwehlukana kwawo,” kusho uChikwere.
Ithimba labantwana baseNdlunkulu kaZulu lemukelwe ngenhlokomo nguye uMengameli uChikwere nomkakhe uNkk Monica Chikwere neSilo uM’mbelwa V eHora okuyilapho obekunomgubho wesihlalo weminyaka eyishumi iSilo sabeNgoni sangena eSihlalweni.
Lo mgubho ubuqondaniswe nomcimbi waminyaka yonke wabeNgoni obizwa ngokuthi uMthetho Cultural Festival.
ISilo uMisuzulu ebesibhekwe ngabomvu kuleliya zwe kuthiwa sigcine siduba ngenxa yokuba uHulumeni wesifundazwe enqabile ukukhokhela izindleko zokuhamba zamabutho.
Kugcine kuhambe abantwana baseNdlunkulu abangu-11 kuphela abebeholwa umfowabo weSilo uMntwana uMasiko, uyise omncane okunguMntwana omkhulu uDkt Zeblon Zulu, uNdlunkulu weSilo uNomzamo kaMyeni wesigodlo saseMachobeni, nobabekazi weSilo uMntwana uNondumiso nabanye.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini siphathise isipho seSilo uM’mbelwa V obekuyincwadi ekhuluma ngomlando kaZulu nehawu nokudluliswe abantwana kwamukelwa ngenhlokomo kuwo lo mcimbi.
Abase-Malawi kuthiwa bebebheke amabutho angu-1000 kaZulu ngesabelo mali esingu-K 75 million ngokwemali yabo kodwa engu-R785 000 uma isiguqulwa ngokwamarandi ngenxa yesasasa abebenalo ngokuza kweSilo uMisuzulu.
Le mali kuthiwa ibizokhokhela zonke izindleko zokulala nokudla izinsuku ezinhlanu.
Nokho Isilo uM’mbelwa V sikushayele ihlombe ukuthi Indlulamithi ithumele abantwana kunokuba kungafiki muntu, sathi lokhu kusho lukhulu ukuba isizwe samaZulu aholwa iNdlulamithi sibeyingxenye yalo mgubho.