Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuchazeke amakhosi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sidansa nomamncane waso okunguNdlunkulu uThandi maNdlovu wasesigodlweni kwaLinduzulu ngesikhathi sigubha iminyaka engu-50 sazalwa.
Lokhu kwenzeke edilini ebelisesigodlweni kwaKhangela Amankengane ngoMgqibelo ebusuku.
Leli dili belihanjelwe amakhosi kanti liqale ngomcimbi obusesibayeni nokuyilapho kubuywe kwethulwa amakhosi amasha ukungena ezihlalweni zezizwe zawo.
Nokho iNgonyama ifike amanye amakhosi eseqala ukukhononda ngoba bese beyilinde kusuka ngo-12 emini kodwa yona yaze yafika sekushaye ihora lesine.
Amanye amakhosi abehlele nokuba axoxisane neNdlulamithi yamakhosi ngokungenami kwawo ngokuqokwa kwabaNtwana oMbonisi, uMathuba noVulindlela esigungwini sokoxazulula imibango yezizwe.
La makhosi akhala ngokuthi laba baNtwana abayihloniphi iNdlulamithi futhi abezi ngisho emikhosini yayo kaZulu.
“Lolo daba lugcine lungaxoxwanga ngoba neNdlulamithi ifike sekudlule isikhathi,” kusho inkosi ecele ukungadalulwa.
Nokho lo mcimbi obusezingeni eliphezulu ubuye wadonsa ngenxa yomdanso weNdlulamithi nomamncane wayo okunguNdlunkulu uMaNdlovu.
Bawushaye umdanso kwaqhuma umkikizo nehlombe lamakhosi.
Kuthe uma beqeda uNdlunkulu waphelezela iNdlulamithi ngestebhu eyibuyisela esihlalweni sayo.
Lokhu kufakazele uthando iNdlulamithi enalo eluchaza uma ikhuluma ngomama bayo.
Leli dili lilandela elinye ebelihanjelwe izimenywa ezikhethekile e-Ballito ngeSonto eledlule.
INdlulamithi ibuye yasebenzisa umcimbi weLembe uShaka kaSenzangakhona ukukhumbuza abantu ukuthi yona ingumuntu okhethekile ngoba usuku lwayo lokuzalwa luqondana nolokukhothama kweSilo sakwaDukuza uShaka.