Kucelwa abantu ukuthi babekezele ziyeza izitifiketi zokugoma ezidijithali

Dylan Bettencourt

Angeke ziphume njengamanje izitifiketi zokugomela i-Covid-19 ezizoba idijithali, ngenxa yokuthi ochwepheshe basazama ukwenza isiqiniseko sokuthi imniningwane yabantu iphephile. 

Umnyango wezempilo jikelele ukhiphe isitifiketi se-Covid-19 esizoba idijithali ngoLwesibili bathi ngoLwesithathu bazokhipha isitatimende esizosho ukuthi uhlelo luzoqala nini njengoba sebezofika emaphethelweni. 

“Umnyango usacwaninga uhlelo baphinde babheke zonke izindlela ezingaba nenkinga ngaphambi kokuba bathule lolu hlelo ekuhambeni kwesonto,”  kusho okhulumela umnyango uFoster Mohalr. 

Uma ngabe izitifiketi ezidijithali sezikhona abantu bangakwazi ukuzithola ziyidijithali, kanti noma ubani osegome ngokuphelele uzothola ikhodi ebizwa nge-QR ekhombisa ukuthi sebejovile ngokuphelele. 

“Bekumele sakhe ukuphepha okuqinile ohlelweni ukuze sivikele imininingwane yabantu. Ukuthuthuka kanye nokukhishwa kwezitifiketi ezidijithali zabantu asebejove ngokuphelele zizophuma ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMohale. 

UMohale uthe umnyango uyazi ukuthi kunalabo abakwazile ukungena bathola izitifiketi ezidijithali yize uhlelo belingakakhishwa ngokuphelele. 

UMohale uphinde wacela umnyango ukuba unikezwe isikhathi futhi nomphakathi bacela ukuba ubekezele kuze kube bazikhipha ngokusemthethweni nangendlela ephephile izitifiketi. 

Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ekhuluma nesizwe ngesonto eledlule uthe izitifiketi ezidijithali zizoqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi sebejovile ngokuphelele. 

Njengoba sekwalethwa izigidi ezi-18 zomjovo we-Covid-19 eNingizimu Afrika kusho ukuthi bangamaphesenti ayizi-23,53 abadala asebejove ngokuphelele. 

Ngesikhathi uMengameli uRamaphosa ekhuluma nesizwe uthe unethemba lokuthi cishe kuzobe sekusetshenziswe imijovo eyizigidi ezi-16 ngoZibandlela ukuze kunyuke ngamaphesenti angama-70 abantu abazobe sebejovile ngokuphelele. 

Umthombo wesithombe: @AriseNews

Izihloko zakamuva