Sizwe Sibiya
Kugqekezwe imisakazo yomphakathi emihlanu e-Gauteng kwantshontshwa nemishini yokusakaza ebiza izigidi zamarandi.
EKZN, isiteshi somsakazo somphakathi okuyisona sodwa eMlazi, Intokozo FM isavaliwe ayikho emoyeni okwesikhashana ngemuva kokuthi impahla yabo yasesitudiyo intshontshiwe eMlazi Mega City Shopping Mall lapho okusakazwa khona esitudiyo.
Lokhu kuza ngemuva nje kokuthi i-Independent Communications Authority of SA (Icasa) ibike ngoLwesithathu ukuthi imibhoshongo yenethiwekhi eyi-113 icekelwe phansi kusukela ngoMsombuluko.
Lokhu kuhlasela kuholele ekuphazamiseni kwezinsizakalo zokuxhumana.
Umphathi we-Intokozo FM uMxolisi Ntanzi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi baze ngokwebiwa nokucekelwa phansi kwempahla ngoMsombuluko ekuseni.
Uthe abazi ukuthi imishini yokwebiwa ibiza malini kodwa lo msakazo uzodlala umculo kuphela kuze kube benza esinye isimemezelo ngemuva kokuhlangana nezinhlaka ezehlukene phakathi nesonto.
“Simatasa sizama ukubuyisela isimo kwesejwayelekile,” kusho uMxolisi.
Lesi siteshi, esasungulwa yintsha yaseMlazi, siqasha izintatheli eziningi ezisencane kanye nabasakazi abafuna ukuba ngabethuli, abanikezwa ithuba lokuthi baqale izimpilo zabo ngemuva kokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. Baphinde baqashe labo abenza uqeqesho lwabo lomsebenzi kodwa bahleli ngaphandle komsebenzi.
“Sisele namatafula kuphela nezihlalo eziphukile,” kusho uMxolisi.
Umfundi wezindaba ophinde abe ngumethuli wezinhlelo uMillicent Cele uthe uphoxekile ngokuthi umphakathi wenze lokhu kubo.
“Njengentatheli esencane, ngithole ulwazi oluningi ngokusebenzela lo msakazo. Benginethemba lokuthi ngizosebenza lapha eminye iminyaka embalwa. Anginaso isiqiniseko sokuthi sizodlula kanjani lokhu,” kusho yena.
NgoLwesibili, i-Scrolla.Africa ibike ngeziteshi zomsakazo ezimbili e-Gauteng, i-Mams Radio ese-Mamelodi ne-Alex FM ese-Alexandra, ukuthi zigqekeziwe.
I-SA National Editors Forum ikugxekile ukuhlaselwa kwezintatheli nokucekelwa phansi kweziteshi zemisakazo ezithintekile okubalwa kuzo i-Westside FM ese-Kagiso, e-Soweto.
Khonamanjalo usihlalo we-Icasa uDkt Keabetswe Modimoeng umemezele ngoLwesibili ukuthi babhalele i-National Joint Operations and Intelligent Services, bebacela ukuthi bavikele ingqalasizinda ebucayi yezokuxhumana.