Sibonelo Zwane
NgoLwesibili, izakhamizi zase-Orlando East e-Soweto zibhace ezindlini zazo ngesikhathi kubanjwa imoto yemali inkunzi endaweni yakungabo – okwesibili ngemuva kwezinyanga ezimbalwa kwenzeke isigameko esifanayo.
Babuke lobu bugebengu obujwayelekile bezinhlamvu ezindizayo emafasiteleni kanye nasophahleni, ngesikhathi izinkulungwane zamarandi ziphuma evenini zikhukhuleka zidlula ezicabheni zabo. Bebengacabangi ngisho nokuzifaka engozini yokuyocosha leyo mali.
Esinye isigameko sangoMbasa sokubanjwa kwemoto yemali inkunzi sinyakazise umphakathi.
Phakathi kwalezi zigameko ezimbili zokugetshengwa kube nesibhicongo ethaveni iMdlalose, lapho okudutshulwe kwabulawa khona abantu abangu-16 kwalimala abayisishiyagalombili.
Ngokwemibiko yofakazi abazibonele, ngoLwesibili ekuseni imoto ethile ishayise iveni yemali, ngemuva kwalokho izinhlamvu zaqala ukundiza. Imibiko engaqinisekisiwe yamaphoyisa ithi izigebengu zishaqe u-R3 million.
Ngesikhathi kwehla uthuli, izakhamizi zase-Chakane Street ziphume ezindlini zazo zaqala ukwakha kabusha.
Abantu bakule ndawo bathi ilokishi labo seligcwele ubugebengu obubenza bahlale benovalo.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa owesilisa ofuna ukudalulwa ngelikaBongani uthe yena usebenza endaweni yokugeza izimoto eduze kwalapho okwenzeke khona isigameko.
“Nginake okwenzakalayo ngesikhathi kuqhuma isibhamu. Ngithe ngisagxile kulokho ngezwa ukuqhuma okukhulu ngabona iveni yemali indiza emoyeni,” kusho uBongani.
Kuqhume imoto yemali kwagcala ifu elikhulu emgwaqeni. UBongani uthe uye wagijima ebheke emalini kodwa wabaleka ngesikhathi izigebengu zimsabisa.
“Mina nabanye abesilisa ababili sigijime saqonda evenini yemali sizama ukubona ukuthi kwenzakalani kodwa izigebengu zisikhombe ngezibhamu ezinkulu zasabisa ngokusidubula uma sisondela.”
Uzakwabo kaBongani uBheki uthe bekufana nokubuka ifilimu.
“Ngibone izimoto ezine ebeziqonde evenini yemali, enye yezimoto ishayise iveni kwesokudla iveni yemali yama. Ngemuva kwalokho kuqhume isibhamu, ngemuva kwemizuzwana kwaqhuma iveni,” kusho uBheki.
Uthe umthelela wokuqhuma kweveni yemali kucekele phansi izindlu ezigudle umgwaqo.
“Kunemizi engenamawindi nosilingi njengoba sikhuluma nje, kanti izigebengu zihambe nemali,” esho.
USophie Simford akazange akubone ukuqhuma, kodwa ngesikhathi ephuma eyobheka isiphithiphithi uye waqaphela ukuthi izingxenye zosilingi wakhe ziwile.
“Ngizwe nje kuphuka amawindi kuwa nosilingi, uma ngiphumela ngaphandle ngiyobheka ukuthi yini imbangela ngibone abantu begijima becosha imali esele,” usho kanje.
Uthe kuyamkhathaza lokhu ngoba bekungasikho okokuqala.
“NangoMbasa kwenzeke into efanayo kwadingeka ukuthi sikhokhe izindleko zokulungisa, manje sizithola sesisesimweni esifanayo. Akulungile lokhu.
“Izigebengu zithola ezikufunayo bese thina sisala silungisa okumoshakele.”
USimford kanye nomakhelwane bakhe abaningi bakhungathekile.
“Sidinga usizo ngempela, anginalo ngisho isenti kimina. Sizophila kanjani kula makhaza singenawo amafasitela? “