Kubungazwe unyaka omusha emcimbini we-Diturupa 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Kubantu abaningi kulo lonke elaseMpumalanga, eGoli, e-Limpopo nase-North West umuntu ngeke akwazi ukugubha kahle unyaka omusha ngaphandle kohambo lokuya emcimbini waminyaka yonke we-Diturupa e-Marapyane eMpumalanga.

Sekuyiminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu amaqembu omdanso avela emiphakathini eyahlukene ehlangana edolobhaneni njalo mhla zimbili ukuze abambe iqhaza kulo mcimbi.

Abesilisa kanye nabesifazane bayo yonke iminyaka bafika begqoke imvunulo  ukuze babonise amakhono abo okudansa ngokudansela umculo omnandi wesigubhu ngenkulu injabulo phambi kwezinkulungwane zababukeli abajabula ngokuziqhenya.

Umgqugquzeli womcimbi uKgosi Motsene uwushayele ihlombe umcimbi walo nyaka watshela i-Scrolla.Africa ukuthi wenzelwa ukugubha nokugcina isiko le-Diturupa liphila.

“Phambilini amaqembu ahlukene abenandisa ngokungahlelekile ngenhloso yokujabulisa izakhamuzi zasemakhaya ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi,” echaza.

“Lokhu bekwenzelwa ukugcina abantu abasha bematasa futhi bekude nezinkinga zomphakathi ngesikhathi sasehlobo kuze kube kufike isikhathi sokuthi babuyele esikoleni.”

Uqhube wathi ngo-2018 banquma ukufaka wonke amaqembu ngaphansi kwesambulela esisodwa ukuze izakhamuzi zizojabulela khona ukubukwa ngaphandle kokulandela iqembu elilodwa ezindaweni zasemakhaya.

Ngemuva komcimbi, amaqembu athola okuncane abongwa ngakho ngokubamba iqhaza kulo mcimbi kanti kusuke kuyimali eqoqwe ekuthengisweni kwamathikithi.

UMargaret Mofomme (65) wase-Makapanstad e-North West, uthe lokhu aqala ukuba ingxenye ye-Diturupa kusukela eneminyaka eyisishiyagalombili.

“I-Diturupa iyingxenye yesiko nendlela yethu yokuphila, futhi ngizoyeka uma izinyawo zami zingasakwazi ukungithwala.

“Lokhu saqala ukulungiselela lolu suku kusukela ngoMandulo ukuze sithuthukise imidanso yethu namanye amakhono ezobuchwepheshe. Ukusebenza kwethu kanzima kuthele izithelo njengoba sithole imali engaphezu kuka-R500 ezihlweleni,” engeza.

Ohola impesheni uthe isifiso sakhe ukubona intsha eningi ibamba iqhaza kulo mcimbi ukuze kuqinisekiswe ukuthi isiko alishabalali ngokuhamba kwesikhathi.

“Leli siko silithathe kokhokho bethu manje sesilidlulisela kubadansi abasafufusa.”

Esithombeni esingenhla: Iqembu labadansi linandisa kwi-Diturupa festival

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva