Kubungazwa impilo kaTurner

Lubhalwe nguVincent Pienaar

Umdidiyeli wezingoma wase-Leftfield uLee Hazlewood wabhalela umculi uNancy Sinatra ingoma  ebizwa ngokuthi i-Friday’s Child. Kungenzeka ukuthi ubeyibhalele uTina Turner.

Evela endaweni edume ngokutshala yase-Tennessee, u-Anna Mae Bullock wayeneminyaka engu-16 kuphela ngesikhathi eya e-St Louis. Wafike lapho waba uTina wajoyina iqembu lomculo i-Kings of Rhythm elaliholwa u-Ike Turner.

Kwakuyisiqalo sempilo ende entombazaneni eyayifuna ukucula nokujabulisa abantu kuphela.

Amahemuhemu ayemaningi kodwa kwathatha iminyaka engu-20 ukuthi iqiniso livele ngobuhlobo babo ngo-1977 ngesikhathi benza isehlukaniso. Iqiniso lokuhlukunyezwa u-Ike laqinisekiswa uTina ngokwakhe encwadini yakhe yango-1986 ethi-“I, Tina.”

Samsung Galaxy 14G

Ngesikhathi umsebenzi kaTina uqala ikakhulukazi nge-albhamu yakhe ethi-Private Dancer ngo-1982, u-Ike akenzanga kahle kakhulu. Lona owayesebenzisa i-cocaine walahlwa icala lokwephula umthetho ngenxa yezidakamizwa futhi wadonsa izinyanga ezingu-18 ejele. Washona ngenxa yezidakamizwa ngo-2007.

Usizi lwafika emnyango kaTina ngoNtulikazi ngo-2018 ngesikhathi indodana yakhe uCraig ishona ngokuzibulala. Nyakenye enye indodana yakhe uRonnie Turner yashona ineminyaka engu-62 ibulawa umdlavuza wamathumbu.

Kodwa-ke, uTina waphikelela ekuboneni uhlangothi oluhle lwempilo njengoba kufakazelwa ezincwadini zakhe ethi-“My Love Story” kanye nethi-“Happiness Becomes You.”

Kodwa-ke, kwabakhona ukukhanya noshintsho empilweni yakhe. UTina wathola uthando 

lwangempela kwingqalabutho yomculo u-Erwin Bach ngemuva kweminyaka eyishumi enze isehlukaniso no-Ike.

UTurner noBach obemncane kunaye ngeminyaka bese bethandane iminyaka engu-30 ngaphambi kokuthi bashade – umshado udonse waze washona ngoLwesithathu ngomhlaka-24 kuNhlaba e-Küsnacht ngase-Zurich, e-Switzerland.

Ngeke akhunjulwe njengomuntu owaphila impilo ephikisana nezivunguvungu.

UTina uzokhunjulwa njengomuntu owafuna waphinde wathola injabulo nothando.

Esithombeni esingenhla: UTina Turner

Umthombo wesithombe: Twitter

Scrolla World Cup Quiz